SEKULINDWE isinqumo semantshi ecaleni eselidonse iminyaka emine lokubulawa ngesihluku kowayengumfundi ka-matric u-Andile ‘Bobo’ Mbuthu (16).
Izolo uMbuso nommeli wabasolwa benze izethulo zokugcina, benxenxa iMantshi uSanele Hlatshwayo ukuba ibavune.
Isigwebo sizowiswa ngasekupheleni kukaJuni ngenxa yokuthi iNkantolo yeMantshi yaseVerulam, elalele icala, inohlu lwamacala amaningi okumele iwalalele.
UMbuso unxenxe uHlatshwayo ukuthi ulahle abamangalelwa abahlanu ngecala lokuthumba nelokubulala uBobo.
Bancike kakhulu ebufakazini obethulwa owayengumsolwa futhi engumngani kaBobo owaphenduka ufakazi woMbuso ezininda nabamangalelwa.
Umshushisi uthe okwenziwa abamangalelwa kuBobo babekuhlelile futhi benomqondo bezama ukuziveza kumphathi wabo owayebelwe utshwala..
Ngakolunye uhlangothi ummeli wabamangalelwa uMnuz Chris Gounden, uthe uMbuso uhlulekile ukuvezela inkantolo ubufakazi bokuthi wayekade ethunjiwe uBobo nokuthi kwakuhleliwe ukubulawa kwakhe.
Unxenxe imantshi ukuthi ingabalahli ngamacala abathweswe wona okungenani ayibathole benecala lokushaya.
UBobo washaywa wafa ngo-Ephreli 2020 esolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi okwakungekamzala wakhe uMnuz Mlungisi Thabethe, eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi.
UGounden uthe uThabethe uyena owayalela abamangalelwa ukuthi bashaye uBobo ephethe isibhamu ngesandla ebatshela ukuthi uma bengamshayi yena uzoshaya bona.
UMbuso ukuchithile lokhu ubuza ukuthi kungani abamangalelwa babekade besebenzela umuntu abamsabayo futhi oyingozi emphakathini njengoba sebesho manje enkantolo?
Ubuze nokuthi kungani bengayanga emaphoyiseni emumva kwesigameko beyobika ukuthi kwenzekeni uma kungeve kuyinhloso yabo ababekade bekwenza?.
UThabethe wadutshulwa wafa ngo-2021 esigamekweni esingahlobene nokufa kukaBobo. Wayengummangalelwa wokuqala ecaleni ngaphambi kokuthi abulawe.
Bobahlanu abamangalelwa okungoMnuz Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu bayawaphika amacala abathweswe wona. Bebephelele bonke enkantolo izolo futhi bebukeka bezikhululekele.
Kukhona lapho uHlatshwayo ebuze khona umshushisi wathi kungani uMbuso wasebenzisa lo fakazi ekubeni kucaca ukuthi uyena owabamba iqhaza elikhulu kushaywa umufi waze wafa.
Ubuze nokuthi inkantolo ithini ngobufakazi abethulile obebukade bushintshashintsha?
Umshushisi uphendule wathi leso yinqumo esathathwa abaphathi bakhe ophikweni lwezokushushisa.
Uqhube wathi ufakazi wenza amaphutha ngoba wayena-18 ethula ubufakazi obase budonse izinsuku eziningi elokhu ephicwa uGounden ngemibuzo.
Enkantolo bekukhona amalungu omndeni kamufi angaphuthi uma kuqulwa leli cala athe amagange ukuzwa isinqumo senkantolo.
Yagcwala izinkundla zokuxhumana i-video eyayiveza uBobo emabokoboko elele phansi egxiza igazi eshayiwe.
Kuthiwa washaywa usuku lonke wafa, isidumbu sakhe kwayiwa naso eBhamshela sabaselwa nezinkuni emphongolweni ebusuku. Ngakusasa ekuseni kuthiwa izinsalela zesidumbu zahlakazwa ngepiki zase zifakwa ezikhwameni nezitini, ezifanayo nezazisemzini kaThabethe, saphonswa edamini.
Satholwa emuva kwezinsuku izinsalela zesidumbu, imiphumela yolibufuzo yaqinisekisa ukuthi kwakungezikaBobo.