SATHOLAKALA ekujuleni komfula sesingamathambo ayeqotshiwe futhi sigxishwe kubhakha owawufakwe ama-blocks ukuze sicwile isidumbu sika-Andile “Bobo” Mbuthu (16) owashaywa waze washona esolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi eHambanathi, oThongathi.
Lobu wubufakazi obushaqisayo obethulelwe iNkantolo yesiFunda yaseVerulam, izolo, yiphoyisa, uLieutenant Colonel Samukele Nxumalo.
UBobo wabulawa ngo-Ephreli 28, 2020, eMagagula Lounge, eyangqongqiswa wumphakathi, isidumbu sakhe satholakala emuva kwezinsuku ezingu-10 emfuleni, iWewe, oThongathi.
Abasolwa abahlanu, oMnuz Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu, bathweswe icala lokubulala okuhleliwe uBobo.
Ibhungu ebelingumsolwa wesithupha laphenduka ufakazi woMbuso. Owayengumsolwa wokuqala, uMnuz Mlungisi Thabethe futhi engumzala kaBobo, wadutshulwa washona ngoMashi 2021, esehlakalweni amaphoyisa athi kasihlobene nalesi.
UNxumalo ulandise inkantolo wathi wahamba noNhleko owayeyokhomba emfuleni lapho abalahle khona izinsalela zikaBobo.
Sebesemfuleni, uNxumalo uthi washaya ucingo ebiza ithimba lamaphoyisa elitakulayo elafika nenja ehogela umkhondo okwacingwa nayo isikhwama esasichazwe nguNhleko, nesatholakala emuva kwamahora amabili.
“Ummangalelwa (uNhleko) wakuqinisekisa ukuthi yisona isikhwama okwathi uma sivulwa phakathi kwatholakala amathambo ayebukeka njengawomuntu ayeqotshiwe. Kwathwetshulwa izithombe ngase ngibiza imoto yasemakhazeni, yahamba nawo,” kuchaza uNxumalo.
Utshele inkantolo ukuthi yalandelwa yonke imigudu nemigomo yohlelo lokukhomba uNhleko, wasayina phansi ukuthi wayengaphoqwe muntu futhi engathenjiswanga lutho kodwa kwakuwukuthanda kwakhe ukuthi ayokhomba.
Bonke abasolwa bangaphandle ngebheyili. UNdlovu akafikanga enkantolo izolo. IMantshi uSanele Hlatshwayo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe uma kuze kushaya uMashi 30, engafikile enkantolo azoyichazela ukuthi kungani ebengekho.
Ummeli kaNdlovu, uMnuz Chris Gounden, uthe uNdlovu uxinwe wumkhuhlane okuyisizathu uHlatshwayo athe kubukeka sesiphenduka insakavukela njalo uma kunomsolwa ongafikanga enkantolo, wathi yinto angeke esayibekezelela.
UMnuz Bongani Mthembu, umalume kaBobo, uthe banelisekile ngenqubekela phambili kuleli cala, ubufakazi buyahlangana futhi banethemba lokuthi lizobalahla icala abasolwa, badilikelwe ijele.
“Kuvuka usizi nezinhlungu uma ulalela indlela okwabulawa ngayo umshana wami. Sikholwa ukuthi abamangalelwa bazowuthola umvuzo ofanele. Sifuna ubulungiswa, inkantolo itshengise amandla ayo phezu kwalaba abasuke bephule umthetho,” kusho uMthembu.
Uthe njengoba engalubhadi enkantolo unina kaBobo, yingoba inhliziyo yakhe ibuhlungu futhi akafisi nokubabona abasolwa.
Icala lihlehliselwe uJuni 9. UMbuso kulindeleke ubize ofakazi ababili okukhona kubona nomphenyi wecala.