LIHLEHLISELWE isonto elizayo yiNkantolo yeMantshi yasePinetown, icala lokubulawa kwabesifazane ababili abasebancane elibhekene nephoyisa.
UConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) osebenzela esiteshini samaphoyisa eHillcrest, ubhekene namacala okubulala uNksz Enhle Majozi (18) noNksz Sithembile Ngobese (24), izidumbu zabo ezitholwe zinamanxeba okudutshulwa ekhanda, zidindilize emqashweni wakhe oKwaNyuswa, khona eHillcrest, ngoLwesine. Kukholakala ukuthi bobabili abagilwa bebeyizintombi zakhe.
Inkantolo inqume ukukuhlehlisela uLwesithathu lwesonto elizayo ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili, kanti uzoqhubeka nokugcinwa esitokisini.
Amalungu emindeni yabagilwa abehambele leli cala aveze ukuthi ayafisa umthetho ungathambisi isandla kumsolwa ngenxa yokuthi uyiphoyisa, kodwa anganikezwa ibheyili ngenxa yobuhlungu ayizwise bona.
Uyise kaNksz Ngobese, uMnuz Issac Ngobese, uthe ngendlela ezwa ngayo ubuhlungu ngalesi sigameko, ufisa ngabe kuthiwa unamandla okuzibambela yena uqobo umsolwa ngezandla, ngenxa yesihluku asenze endodakazini yakhe.
“Bengilindele lukhulu ngendodakazi yami, kangangoba bengihleze ngiyitshela ukuthi imali ingishodele phakathi emsebenzini ebiwufundela, nginesifiso sokuthi ibuye iqedele. Bengithembele kubo abantabami njengoba bebabili. Ukube amandla ngisenawo bengingazibambela ngezandla lo muntu obulale ingane yami ngalolu hlobo,” kusho uNgobese.
Uveze ukuthi indodakazi yakhe beyenza iziqu zomthetho kodwa ngenxa yokushoda kwamandla kuyena, kwaphoqa ukuthi ime kancane enethemba lokuthi isazobuye iqhubeke nezifundo zayo. Uthe umsolwa ubeqala ukumbona, ubengamazi nakuba ubeke ezwe ngonina ukuthi kukhona owesilisa asola ukuthi uthandana naye.
UMnuz Sandile Msomi onguyise ka-Enhle, uthe uma umsolwa engagcina enikiwe ibheyili, ngeke kwehle kahle kubo njengomndeni, futhi uyolahlekelwa ukuzethemba ezobulungiswa zakuleli.
“Kuhle ukwazi ukuthi abantu bayazwelana nathi, siyabonga kakhulu ngalokho. Uma umsolwa owenze lokhu ephunyuka kuleli noma ngabe ngasiphi isizathu, ngiyokwehlelwa ukuzethemba ezobulungiswa zakuleli. Angazi ukuthi ngingabuchaza ngibuthini ubuhlungu engibuzwayo ngalesi sehlo,” usho kanje.
Uthe ubengamazi umsolwa kodwa ngenxa yokuthi ubesondelene nendodakazi yakhe, yamazisa ukuthi kukhona umuntu osesempilweni yayo okuthe ukuhamba kwesikhathi, yamazisa ukuthi sebehlukene. Uthe lokhu beyisanda kumtshela ezinsukwini ezinhlanu ezedlule, ukuthi seyikhathele yilo muntu ngenxa yezinto azenzayo, obelokhu eyishayela ucingo ngenkani eyisabisa.