BABALISA ngobuhlungu benhliziyo abangamalungu emindeni yabantwana ababili basoGengeni, eMtubatuba abaminze edamini elibizwa ngeNkwalini.
Ngokuthola kweSolezwe uMelusi Mpanza (9) nomngani wakhe u-Amahle Mngomezulu (10) baminze kuleli damu ngoLwesithathu kade behambe nabanye abangani babo.
UMelusi ubefunda uGrade 3 esikoleni samabanga aphansi sakhona eMtubatuba, iWelani. U-Amahle ubefunda uGrade 5 ePhila Primary.
UNkk Hlengiwe Mbatha onguninakhulu kaMelusi, ubalise ngeminjunju athe bayayizwa bewumndeni kulesi sikhathi esibagubuzele.
Uthe kusalukhuni satshe ukwamukela ukuthi umntwana wabo akasekho emhlabeni.
“Usizi lolu esizithola sibhekene nalo futhi impela lobu buhlungu angazi ukuthi buyodlula kanjani. Sesethembe uNkulunkulu ukuthi kube nguyena osibhandisha amanxeba ngoba hhayi kona kunzima,’’ usho kanje.
UNkk Hloniphile Zulu onguninakhulu ka-Amahle, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngomshophi athi ubehle ngaphezulu.
Uthe umntwana wabo ubehambe nabanye abangani babo kanti bazogcina sebeyobhukuda kuleli damu.
Uthe batshelwe omunye obehamba nabo ukuthi u-Amahle noMelusi sebeminzile.
Uthe abazange bapholise maseko bamane baphuthuma khona, ngempela babafica sebeminzile.
“Kube yinto ebuhlungu kakhulu ukuzwa ukuthi abantwana bethu abancane nakangaka baminzile. Sifisa ngabe besikhona ukuze sikwazi ukubasiza.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe kubikwa ukuthi kuminze abantwana ababili ebebeyobhukuda edamini langakubo.
“Amaphoyisa aKwaMsane avule icala ngokuminza kwabantwana abancane ababili abaphakathi kweminyaka engu-9 no-10.”
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe uMnuz Siyabonga Ndwandwe, lithe sibashiye bebambe ongezansi lesi sigameko.
“Sonke simangele ngempela ngalesi sehlakalo esehlele abantwana bethu abancane kangaka. Siyazibuza nje ukuthi ngempela kwenzekeni.’’
Ngokusho kwakhe leli damu alishoni nakangako ukuthi sekungaze kuvele lo mshophi.
Abantwana bagcine betholakele.