USHIYE inqwaba yemindeni ingazi ukuthi izothathani ihlanganise nani umlilo okungakaziwa ukuthi udalwe yini - oqubuke washisa imijondolo engaphezu kuka-350 eDakota, eSiphingo, ngoMgqibelo ebusuku.
Isolezwe lifike endaweni yesigameko ngeSonto kunenqwaba yemijondolo esiwumlotha, kusashunqa intuthu kwezinye izingxenye zemijondolo ebisicishiwe.
Ubukhulu bomonakalo bebufakazelwa yindlela abantu abashelwe imijondolo abebekhungatheke ngayo, abanye besazama ukukhuculula imfucuza yezinsalela zezinkethe, bezama nokwakha kabusha izindlu zabo.
Eceleni komgwaqo oseduze kwalapho okushe khona, abanye bebebeke imibhede, amabhodwe nezitsha abakwaze ukukukhipha ngesikhathi kuqubuka umlilo okuthiwa uqale ngezithuba zehora lesikhombisa kusihlwa.
UNksz Tima Fole, ongomunye wabahlali bakule mijondolo, uthe usakhungathekile ngakho konke okwenzekile.
“Kuqubuka umlilo bengizihlalele endlini ngoba bengingayile emsebenzini kuyimpelasonto, ngezwa ngabantu besho ngengila bememeza, sazama ukuphuthuma sikhipha izimpahla ezimqoka endlini kodwa sehluleka ngoba umlilo ubunamandla kakhulu njengoba bekunomoya.
“Selokhu ngafika ngo-2017 kule ndawo ngisuka e-Eastern Cape ukuzosebenza eThekwini, kungokokuqala ngibhekana nesimo esibuhlungu kanje. Kumanje angazi nokuthi ngizokwenzenjani ukuqhuba impilo ngoba ngisale ngiyimi nje - akusindanga lutho emlilweni,” kubalisa uNksz Fole.
UMnuz Zamani Vilakazi, waseMarianhill, naye oshelwe wumjondolo wakhe, uthe ubephuma kwenye yezindawo zokucima ukoma ngenkathi ezithela elangabini lomlilo obusha ubuhanguhangu, kuphansi phezulu - abantu bezama ukuhlenga izimpahla zabo ezimqoka.
“Ngendlela okuqhele ngayo nasendlini yami lapho okuqale khona umlilo, bengingazitsheli nhlobo ukuthi ungagcina ushisa umjondolo ebengihlala kuwona.
“Indlela obumubi futhi unamandla ngayo umlilo, nakhu nami namhlanje ngisele ngiyimi nje - anginalutho nhlobo ngoba angikwazanga ukukhipha lutho endlini yami egcine ibe wumlotha ngenxa yokubhebhetheka komlilo.
“Nakuba bekungaqali ukwenzeka kwesigameko esinje selokhu ngafika kule ndawo ngo-2011 kodwa bekuqala ukuthi umonakalo ube mkhulu kangaka ngakho sinxusa uMasipala weTheku ukuba asakhele izindlu ngoba sinovalo lokuthi kuzophinde kwenzeke futhi,” kubalisa uVilakazi obeseqalile ukulungisa lapho okushe khona umjondolo wakhe.
Ikhansela laku-ward 90,-lapho kwenzeke khona isigameko, uNksz Lindiwe Mbatha, lithe okube yinkinga enkulu wukuthi imijondolo ibiminyene kakhulu, kwangaba lula ukucima ngokushesha kwaze kwaphoqa ukuthi kulandwe amapayipi amade ekubeni umlilo ube uqhubeka.
“Sihlale kwaze kwasa ekuseni, abahlali basemjondolo begade izimpahla zabo abakwaze ukuzikhipha emlilweni - sase sisiza ngokugcina izingane ezincane kwenye yezinkulisa eseduze nalapho okushe khona ukuqinisekisa ukuphepha kwazo kulesi simo,” kuchaza uNksz Mbatha.
Eqhuba, uthe sebexhumene nezinhlaka ezahlukene kubalwa uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, wuMasipala weTheku nezinhlangano ezahlukene - ukusiza abantu okucekeleke phansi imijondolo yabo.
“Kunzima nokusho ukuthi yini engaba yimbangela eqondile eholele kulesi sigameko kodwa sisola ukuthi yindlela okuxhunywe ngayo ugesi edale ukuthi kube nomonakalo omkhulu kangaka,” kusho uNKsz Mbatha.
UMasipala weTheku ukhiphe isitatimende uqinisekisa ukuthi ibalelwa ku-350 imijondolo ecekeleke phansi, kwahlengeka ewu-50 nokuthi akukho muntu oshonile kulesi sigameko. UvezE ukuthi uyaqhubeka nokusiza abathintekayo ubambisene nabophiko lwezinhlekelele.