IMINDENI yabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukanozinti weOrlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ikhala ngokungaziphathi ngendlela kwelinye lamaphoyisa aphethe leli cala abathi yize icala lisenkantolo kodwa belisasabisa ofakazi, lithatha nezitatimende.
Ekhuluma neSolezwe okhulumela imindeni, uNksz Sinqobile Maphisa, uthe okwenzeka enkantolo kuyaxaka ngoba nofakazi ababizwayo bakhuluma imbudane yodwa.
Usole iphoyisa elithize ngokuthenga ofakazi.
Ukusho lokhu emva kobufakazi bukaMnuz Msizi Jack Buthelezi enkantolo ngoLwesibili, lapho atshele khona inkantolo ukuthi ummangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, wamtshela ukuthi uboshwele icala lezinhlamvu zesibhamu nelokulimaza uMeyiwa kade besemcimbini eVosloorus, athe wathi ulenze nabangani bakhe oMaphisa (uMthokoziseni, ummangalelwa wesine kuleli cala), ubekusho ngoba ethengiwe.
UButhelezi othe ungumngani kaNtanzi, utshele inkantolo ukuthi lokhu kwenzeka ngesikhathi bebonanela emotweni yamaphoyisa edolobheni eRustenburg, kulandela ukuvela kwakhe enkantolo yakule ndawo.
Lokhu kuvungamise abaningi enkantolo nasezinkundleni zokuxhumana njengoba kudwebe isithombe sokuthi ufaka uNtanzi obishini ngokuveza ukuthi wagonyuluka kuye ngecala lokubulala uMeyiwa.
Nokho ngesikhathi esephoswa ngemibuzo ngabameli, uButhelezi ushaye ungqimphothwe ebufakazini bakhe, wathi yena akashongo ukuthi uNtanzi wagonyuluka kuye ngecala lokubulala kodwa uthe wathi, “amaphoyisa athi yena (uNtanzi) nabangani bakhe (oMaphisa) balimaza uMeyiwa kade besemcimbini eVosloorus.”
UNksz Maphisa uthe beyimindeni bayamazi uButhelezi njengomngani kaNtanzi, babeseqenjini elilodwa lengoma futhi bangomkhaya. Uthe bese benolwazi lokuthi leli phoyisa lavakashela uButhelezi eRustenburg, ngemizamo yokumthenga, lamthathisa nesitatimende salokho ayezokusho enkantolo. Uthe bethukile ngesikhathi eqala ubufakazi bakhe bazibuza ukuthi uButhelezi uyenza kanjani le nto?
“UButhelezi nomunye okuthiwa usazofakaza asinaso isiqiniseko sokuthi imali bayithatha ephoyiseni kodwa basishayele njengemindeni basho ukuthi bebehlaselwe yileli phoyisa libasabisa, labathathisa izitatimende zokuthi bafike bathini enkantolo kodwa bona ekujuleni kwezinhliziyo zabo, bebazi ukuthi bazofike bakhulume iqiniso,” kusho uMaphisa.
Uthe kwayizolo bekufanele kungene omunye ufakazi amgagule ngegama wakhona eRustenburg ebhokisini lofakazi.
“U*** (esho igama lephoyisa, igama lalo esiligodlile) uvele wamjikisa ngoba ubonile ukuthi omunye wethimba labo (uButhelezi) ubadayisile. Sijabulile ukuthi uButhelezi imali ayizange imthenge, ukwazile ukumela abantu bangakubo yize ebese esatshisiwe,” kusho uNksz Maphisa.
Uveze ukuthi banovalo ngoba bayazi ukuthi uButhelezi akaphephile lapho ekhona.
Uthe bajabule baze bashayelana izingcingo beyimindeni, baxoxa ngokuthi uButhelezi ubenzele iqiniso yize noma kuqale kwangathi ufuna ukudayisa kodwa wabuye wabuyelwa unembeza wokuthi abamangalelwa abakwabo, ngeke abadayisele ngokukhuluma amanga enkantolo.
“Yena khona ubesebadayisa, sibonga khona ukuthi ubuye wadliwa unembeza esebona umngani wakhe,” kusho uNksz Maphisa.
Uqhube wathi iphoyisa aligagule ngegama, kwalona lithengwe abathile.
“Nasekuqaleni wake waya kwaSibiya ngenhloso yokuthenga umndeni wakwaSibiya ukuthi banxenxe indodana yabo ukuthi ivume icala ehamba nomunye umuntu. Namanje kusewuye osaqhubeka nokuya eRustenburg, bayasishayela namanje abantu bangakithi abahlala khona basho ukuthi kade ekhona ezobasabisa. Konke lokhu umsuka wakho imali. Ukwenza lokhu ukuvikela labo ababesendlini,” kusho Nksz Maphisa.
UNksz Maphisa ubalule nobufakazi phoyisa, uConstable Sizwe Zungu, obefakaza izolo othe uyabazi abamangalelwa, abangakubo KwaNongoma, KwaZulu-Natal, watshela inkantolo ukuthi ngosuku lwesigameko babeseVosloorus ehostela. Uthe ubufakazi balo bushiya imibuzo ngalo uqobo iphoyisa.
Ebufakazini bakhe, uZungu uthe kwangena umsolwa wokuqala (Mnuz Muzikawukhulelwa Sibiya), wesibili (Mnuz Bongani Ntanzi) nowesithathu (Mnuz Mthobisi Mncube), bangena bethukile beshesha bebheke ekamelweni likaGwabini (umshana wakhe), bephethe izibhamu” kusho uZungu.
UNksz Maphisa ubuze umbuzo wokuthi uZungu uyiphoyisa elinjani, wathula kanjani nolwazi olungaka eyiphoyisa lomthetho, aze ukhulume ngalolu daba sekwedlule isikhathi eside kangaka njengoba etshele inkantolo ukuthi isitatimende usenze kulo nyaka.
“Ngesikhathi ebona ukuthi baphethe izibhamu, akawenzanga ngani umsebenzi wakhe njengephoyisa ngayekubona? Okunye, emva kokuqaphela ukuthi bangena beshesha, bekhombisa ukwethuka nokushintsha ijakhethi enesigqoko, akathintanga ngani amanye amaphoyisa awatshele ukuthi usola ukuthi kukhona okushaya amanzi,” kusho uNksz Maphisa.
Nokho uthe ubufakazi bukaZungu, bayabuthanda ngoba abameli bazobuhlakaza babuqede uma sebemphosa ngemibuzo.