UDLINZELA abomndeni abebenuka unina ngokuthakatha, osinde ngokulambisa kuqothwa abazali bakhe, umfowabo nomshana, okuthiwa bangenelwe belele, esigamekweni esenzeke eMfume, entathakusa ngoMsombuluko.
Kulesi sehlo esishiye amalungu omphakathi engawuvali umlomo ngenxa yesihluku sababulali, kubulawe inhloko yomuzi uMnuz Bhekizizwe Alfred Ngidi (64) unkosikazi wakhe uNkk Nomathemba Joyce Ngidi (60), indodana yabo uMnuz Thabani Ngidi (33) nomzukulu uSiphesihle Maphumulo (19). Kuphinde kwalimala intombazane yakamakhelwane okuthiwa beyivakashile eneminyaka ewu-19, ephuthunyiswe esibhedlela.
UMnuz Andile Ngidi (23), ongukuphela kwelungu lalo mndeni ebelikhona kwenzeka isigameko kodwa elikwaze ukuphulukundlela libaleke, uthe unazo izinsolo zokuthi ukuqothwa kwabakubo, kungenzeka ukuthi kungenxa yezinkulumo ebezike zavela phambilini njengoba ethe emndenini kukhona abebesola unina ngokuthakatha.
“Bengilele ngezwa izwi limemeza lithi, Andile! Ngiqaphele ukuthi yizwi likamama leli. Ngivuke ngaqalaza ngibheka ukuthi kwenzekani. Ngesikhathi ememeza vele ziyaqhuma izibhamu. Ngiqalazisise kahle, ngangabona muntu futhi bebengakhulumi bebedubula nje kuphela. Obekwenza ngingaboni ukuthi baqale ngokucisha ugesi obukhanyise emnyango, kodwa ngiqaphele ukuthi bekukhona izithunzi zabane noma abahlanu,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi kuqhuma izibhamu abasolwa bematasa endlini enkulu, uvule kancane isicabha sendlu eseceleni abelele kuyo, waphuma wabaleka wangena ehlathini eliseduze. Uveze ukuthi umshana wakhe uSiphesihle, uzamile ukuphuma ngewindi ebaleka, kodwa abasolwa bambona bamdubulela ngaphandle. Uveze ukuthi uyena nodadewabo kuphela ongunina kaSiphesihle abasele kulo muzi, kanti udadewabo ubengekho ngesikhathi kwehla lo mshophi. Uveze ukuthi lesi sigameko asiqali ukwenzeka njengoba nyakenye kwadutshulwa unina kodwa walulama.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo, amalungu omphakathi abengena ephuma kulo muzi ezobhonga emswanini, abelokhu ebabaze njalo into eyehlele abakwaNgidi. Omunye womakhelwane ongathandanga ukudalulwa, ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, ubehluleka ngisho ukuzibamba izinyembezi ziziqathakela ngenxa yobuhlungu athe uyabuzwa ngalo mndeni.
“Besinabo emcimbini kamakhelwane ngayizolo (ngoMgqibelo), singazi ukuthi kanti sibungaza nabo okokugcina. Sithuke kakhulu ngalesi sigameko, mina nje ngisaba ngisho ukulala ekhaya namhlanje ebusuku. Bebewomakhelwane engibajwayele kakhulu, benobuntu, ngakho ukubulawa kwabo ngale ndlela, kubuhlungu kakhulu,” usho kanje.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Ayanda Ndlovu, lithe kuyaqala endaweni ukuthi kwenzeke isigameko esibuhlungu ngalolu hlobo.
“Isigameko esisishaqise kakhulu, ikakhulu ngoba lo mndeni besingawazeli lutho olubi. Ngokujwayelekile izigameko zobugebengu esike sizizwe ezokugqekeza nokuntshontsha kodwa esokubulawa kwenqwaba yamalungu omndeni ngesikhathi esisodwa siyasiqala, siphatheke kabi kakhulu,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abafuna uthuli abasolwa abahlanu, wanxusa amalungu omphakathi angaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuze babanjwe ukuba afonele inombolo yamaphoyisa yokubika ngobugebengu ethi; 08600 10111 noma basebenzise i-MySAP App.