USAKHUNGATHEKILE umndeni wowesifazane waKwaMashu kutholakala isidumbu sendodakazi yawo endaweni yokulala ekhokhelwayo ekuVarsity Drive, eReservior Hills, sigoqwe ngeshidi.
Umufi uNksz Funeka Mthiyane (23) okuthiwa ubephume ekhaya eyohlangana nowesilisa ngoLwesihlanu olwedlule, utholakale ngakusasa eseshonile. Kuthiwa isidumbu sakhe besigoqwe ngeshidi elimhlophe siphuma igazi ngamakhala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseSydenham eThekwini, aphenya icala lokufa komuntu emva kokutholakala kowesifazane eshonile kuVarsity Drive, eReservior Hills.
Uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokushona kowesifazane kodwa kusaphenywa.
UNksz Mthiyane, kuthiwa ubehlala kwaH nakwaD KwaMashu lapho kunemindeni yakhe.
Ubabekazi wakhe, uNksz Nokuthula Ndlovu obehlala naye kwaH uthe umufi ubevakashele kwaD ngesikhathi ehlelwa wumshophi.
“UFuneka uyindodakazi kamfowethu osashona. Ubesanda kutholelwa wuninalume umsebenzi eSmiths Manufacturing (Pty) Ltd, ePinetown, okwenze wayohlala kwaD ngoba kuseduze nasemsebenzini.
Thina sizwe sekuyophela isonto futhi sekuhlelwa nomngcwabo wakhe ukuthi ushonile. Asiyitholi nencazelo ecacile ngokushona kwakhe eLodge,” kusho uNksz Ndlovu.
Ogcine ukubonanana naye ngaphambi kokuba ashone uFuneka, uNksz Samke Mthiyane ongudadewabo kaninalume, uthe uphume ekhaya ngabo-10.30 ebusuku eyohlangana nowesilisa. Watholakala ngakusasa eseshonile.
“NgoLwesihlanu anyamalale ngalo, ufike ebusuku ephuma emsebenzini. Ubelokhu ephendula ucingo athe kimina uxoxa nemenenja yasezitolo u.....(eyigagula ngegama).
Angizange nginake ngoba bekuzwakala sengathi umuntu akhuluma naye bajwayelene. Angitshele kona wukuthi le menenja ayohlangana nayo ebusuku ishadelwe kodwa ibimthembise ukuthi izomupha imali njengoba ubevalekile.
Uphume ekhaya emva kokukhumula izimpahla zomsebenzi, wayohlangana nalo wesilisa, wagcina engabuyanga,” kusho uSamke.
UMnuz Andile Mthiyane onguninalume kamufi okunguyena oxhumana namaphoyisa, uthe ngokophenyo uFuneka uyena owabhukha kule ndawo atholwe eseshonile kuyo.
“Abakule ndawo yokulala baveze ukuthi uFuneka ufike ehamba nowesilisa obedakiwe. Bathe uFuneka ubhukhe amahora amabili, okuthe uma ephela kwaqhamuka lo wesilisa esehamba yedwa.
Uma bebuza abehamba naye, bathi uthe umshiye egumbini abalibhukhile kodwa naye uyabuya. Wagcina engabuyanga. Ekuseni abahlanza amagumbi ale ndawo bazithele esidunjini sikaFuneka sigoqwe ngamashidi kulona igumbi,” kusho u-Andile.
Uthe kumanje basalinde imiphumela ngokushona kukaFuneka. Okunye okuvelile wukuthi amaphoyisa anayo i-vidiyo eqoshwe ngamakhamera eveza owesilisa ongene noFuneka kule ndawo. U-Andile uthe akamazi umuntu ovela kwividiyo.