USHAYA amakhala umndeni womshayeli okutholakale isidumbu sakhe etekisini abehamba ngayo KwaMaphumulo.
Isidumbu sikaMnuz Sanele “Reo” Bhengu (35) waKwaMagqibagqiba, KwaMaphumulo, sitholwe ezihlalweni zangemumva etekisini abehamba ngayo ngoLwesihlanu.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yokusabela impilo yalo, lithe ziyashayisana izitatimende abazitshelwa umsizi kamufi abesebenza naye etekisini.
Liveze ukuthi bekungakapheli ngisho isonto laba ababili besebenza ndawonye kanti ngosuku okutholakale ngalo isidumbu sikamufi ayitholakalanga imali ayeseyisebenze ezinsukwini ayesebenza nomsizi wakhe kuzo, kanjalo neselula yakhe.
Lithi ngesikhathi echazela umndeni (umsizi) ukuthi kwenzekeni ngayizolo (ngoLwesine), uvumile ukuthi umufi wagcina ukubonwa kubo emva kokuba bephuma emsebenzini.
“Usitshele ukuthi ngoLwesine bekuhleliwe kwenye indlu kubo kuphuzwa ngesikhathi eqaphela ukuthi umufi uselele. Uthi uphumile yena waya kwenye indlu eyophaka ukudla ekuphakela yena umufi kodwa kwathi kusenjalo wezwa sekuqhuma isibhamu, waphinde wezwa itekisi kamufi isiduma maqede yakhala amaphepha,” kusho ilungu lomndeni.
Liqhube ngokuthi umsizi kamshayeli ukuthi ubuye ukophaka umufi kanjalo nabafana bakubo okwakuhleliwe nabo bengasekho endlini ayebashiye kuyo.
“Uma ethi wayeyophakela umufi kwenye indlu, umbuzo wethu uthi umphakela kanjani umuntu oselele?” kubuza ilungu lomndeni.
Lithi abasho ukuthi naye uyathinteka kodwa inkulumo yakhe ishayisa amakhala kanti kufanele amaphoyisa athi ukuyifakela izibuko.
Lichaza ngokutholakala kukamufi, lithe bathole ngomyalezo usuthi abazobheka endaweni yesigameko ngasesikoleni iNyamazane Primary lapho kutholwe khona itekisi ebihamba umufi inesidumbu sakhe ezihlalweni zangemumva.
Uthe umndeni ufike endaweni yesigameko wafike waqinisekisa emaphoyiseni ukuthi umufi yilungu lawo.
Lo womndeni ubuye wakhala ngawo amaphoyisa ethi ngosuku okutholwe ngalo isidumbu sikamufi, atsheliwe ukuthi nakhu kuvela umoya wokuthi abasolwa sebeyabaleka ngemoto ethize endaweni, awabajahe kodwa azithela ngabandayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa ngaphakathi emotweni yakhe sinenxeba lokudutshulwa ngoMeyi 5 eNyamazane.
Uthe imbangela yokubulala ayikakaziwa kanti akukaboshwa muntu.