ISIQUBULE imibuzo indaba yokubuyiswa kosebenza uMkhandlu waseNdumeni owamiselwa izinsolo zokuntshontsha imali yawo.
Umkhandlu usanda kumbuyisela emsebenzini lo msebenzi osolwa ngokuntshontsha imali engu-R150 000.
Wayekade emisiwe emva kwezinsolo zokuthi wathatha imali wayifaka kwi-akhawunti yakhe yasebhange.
Kuthiwa wavulelwa icala emaphoyiseni emva kwalesi sigameko, kwaphinde kwaqalwa uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe ngaphakathi emkhandlwini.
I-ANC esifundeni Inkosi Bhambatha ithe kuyishaqisile ukubuyiselwa kwakhe ekubeni lungakaphothulwa uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
I-ANC iyona eyayiphethe lo mkhandlu ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Le nhlangano yehluleka ukunqoba kumasipala ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka owedlule, kwanqoba i-IFP.
Unobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Lucky Khumalo, uthe bafuna izimpendulo ngokubuyiselwa kwalo msebenzi.
UKhumalo uyena owayengusomlomo womkhandlu ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuthi amiswe lo obhekene nezinsolo.
Uthe yibona abavula icala emaphoyisa emva kwalesi sigameko.
“Kusishaqisile ukubuyiselwa kwakhe emsebenzini.”
Ikomiti elibhekelele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal usucele izimpendulo ngalolu daba.
Leli komiti lisanda kuhambela emkhandlwini nakweminye imikhandlu engaphansi kukamasipala wesifunda uMzinyathi.
Usihlalo wekomiti, uNksz Zinhle Cele, uthe zibashaqisile izinsolo zokuntshontshwa kwemali yomkhandlu.
Uthe banikeze umkhandlu izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ubanike umbiko ophelele.
“Umbiko nemininingwane ngecala elavulwa emaphoyiseni kufanele unikezwe ikomiti ukuzelizokwazi ukubona ukuthi bakhona yini abathathelwe izinyathelo ngalolu daba.”
Leli komiti liphinde lathi lifuna umkhandlu ulinikeze umbiko ngamacala avulelwa abasebenzi bomkhandlu abasolwa ngokuletha iziqu eziwumgunyathi.
IMeya yomkhandlu, uMnuz Siyabonga Ndlovu, uthe isinqumo sokubuyiselwa kwalo msebenzi sathathwa owayebambe njengemenenja yomkhandlu, nongasekho manje emkhandlwini.
UNdlovu uthe imenenja entsha yomkhandlu izomthathela izinyathelo lo msebenzi uma bukhona ubufakazi bento asolwa ngayo.
“Lolu wudaba oludala olwenzeka kusaphethe ubuholi obudala. Angeke siphendulele abantu abangasekho emkhandlwini. Anginayo imininingwane ephelele yodaba. Uma sikhona isidingo, imenenja kamasipala izobuye ilubukisise kabusha udaba lokubuyiswa kwalo msebenzi. Uma kunesidingo sizoqala uphenyo lwangaphakathi.”
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe bazolinda imiphumela yophenyo oluqhutshwa umkhandlu ngaphambi kokuthatha izinyathelo.