UMNDENI womthwebuli weSolezwe odutshulwe abantu abangaziwa eHammarsdale ngoLwesibili ebusuku ufisa kuboshwe ababulali.
UMnuz Bongani Mbatha (51) kuthiwa uhlaselwe abantu abangaziwa esendlini yakhe, lapho kuthiwa bafike bangqongqoza, kwathi uma evula, bamdubula.
Kuthiwa uzamile ukubaleka kodwa wawela ngaphambi komuzi wakubo nokuyilapho etholwe khona ingane yakwamakhelwane, ebiyocinga uyise wayo esitolo esiseduze.
Udadewabo ongahlali endaweni, uNkk Monica Ndlovu, uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukaMbatha.
“Siyafisa amaphoyisa azithole izigebengu ukuze zichaze ukuthi ubezone ngani ngoba ubengumuntu onomoya owodwa, ethula, ehlonipha, engenalo udlame,” kusho uNkk Ndlovu.
Uthe bekuba lukhuni ngisho ukusho uma ediniwe ngoba ubengeze engaliphakamisa izwi.
Uveze ukuthi ngeledlule ufikile kuye ezofuna usizo oluthile, wambona emncisha amehlo, kodwa wanganaka, ezitshela ukuthi mhlawumbe unamahloni okuthi ubezocela usizo.
Umakhelwane, ocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe ngenxa yokwesabela impilo yakhe, uthe uMbatha udutshulwa nje, bekungakapheli ngisho imizuzu eyishumi behlukene.
“Ubesekhaya ezocela udadewethu ukuthi amwashele izingubo zakhe njengenjwayelo, sixoxaxoxe kancane ngaphambi kokuba udadewethu amkhaphe amshiye ngasesangweni. Sithe sizwa kwakuqhuma isibhamu,” kusho umakhelwane.
Uthe yize elunguze ngewindi wabona izithunzana ezimbili zigjima, akazange anake ngoba kuyimvama ukukhala kwesibhamu endaweni.
“Sithuke soma sesibizwa abanye omakhelwane, besitshela ukuthi sekudutshulwe uS’khulu (igama abizwa ngalo endaweni). Sathi uma sisondela, samfica elele phansi, esethule,” kusho umakhelwane.
Uthe ubedubuleke ekhanda, esifubeni nasesithweni.
Uthe abakuqaphele ukuthi abasolwa abathathanga lutho endlini kamufi njengoba iselula, isikhwama semali nezikhiye zemoto zificwe zihleli eduze kombhede wakhe.
“Sinemibuzo engaphenduleki ngokubulawa kukaS’khulu. Wonke umuntu endaweni ubuza ukuthi ubenzeni ngoba akekho umuntu owazi ‘unxa’ wakhe,” kusho umakhelwane.
Umngani wakhe, naye ocele ukungadalulwa uthe umgcine ngoMsombuluko, ekhala ngomkhuhlane, wangabika lutho olumkhathaza emoyeni.
“Akakaze asho ukuthi kukhona axabene nabo, sididekile, siyafisa ukuthola izimpendulo,” kusho umngani.
Isolezwe lithole ukuthi ezinsukwini ezedlule, uke wapaka kwamakhelwane imoto yakhe uma ebuya emsebenzini kodwa akekho ophuma nezwi lokuthi ngabe kukhona yini abekusola kokuthi angase asocongwe.
Libuye lathola nokuthi endlini enkulu bekukhona unina, uNkk Maria Mbatha (90) osehlala ngokungaphili nomshana wakhe ophila nokukhubazeka. Bobabili kuthiwa bese belele ngesikhathi sesehlo.
AbaseNdlunkulu kaZulu nabo badlulise amazwi enduduzo emndenini kaMbatha.
“UMbatha uzokhunjulwa ngethalente lakhe eliyisimanga. Phakathi kweminye imikhosi ebalulekile ayithwebula kwaba ukuthunwa kweNdlovukazi Thomozile Jezangani Ndwandwe, unina weSilo esakhothama uGoodwill Zwelithini ngo-2011. Nango-2022, uMbatha ubethwebula ngesikhathi kugcotshwa ngokusemthethweni iSilo uMisuzulu kaZwelithini,” kusho okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana Afrika Zulu.
UMnuz Aziz Hartley, oyiNhloko yabaHleli e-Independent Media eyengamele neSolezwe namanye amaphepha naye udlulise amazwi enduduzo.
“Sikanye nomndeni kazakwethu ngalesi sikhathi. Siyazi ukuthi lesi isikhathi esinzima emndenini kanjalo nakozakwabo kwi-Solezwe. UMbatha ubenenhliziyo emnene, ewuthanda umsebenzi wakhe futhi enekhono lokuthwebula. Ukushona kwakhe kusethusile. Sifisa amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ababulali bakhe bayaboshwa,” kusho uHartley.
I-ANC KwaZulu-Natal inxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi baphenye ngokubulawa kukaMbatha.
“Ukushona kwakhe kushiya isikhala esikhulu emkhakheni wokuthwetshulwa kwezithombe. Eminyakeni edlule uMbatha uzakhele igama ngomsebenzi wakhe oseqophelweni eliphezulu,” kusho okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokubulala.