MHLELI: Kwelakho ngithi mangibeke ilaka lami emva kokugqemeka engeqiwa ntwala emculweni wakithi wesintu kamaskandi ngokuwa kweminye yemithi ebisimkhulu nensika emculweni wakithi, uMjik’jelwa Ichalaha Ngubane (osesithombeni).
Mangiqale ngikhalisane nomndeni, izihlobo nabangani. Ngilapha-ke. Sekuyisikhathi sokuthi sibumbane singabalandeli bakamaskandi manje sikhohlwe ngoqhawe lami kodwa sibambane silwe nesihlava esiya sikhula sokubukelwa phansi nokucwaswa komculo wakithi yizinhlelo zokusakaza zethelevishini.
Kwaqale kwahamba iNdidane eyadida abaningi sangavezelwa umngcwabo wayo kwithelevishini ekubeni yayingumuntu odumile kumaskandi kodwa uma kudlule umculi wakweminye iminxa siyaboniswa umngcwabo bukhoma.
Kubuye kwenziwe ngisho izikhangiso ezihlanganisa nokuvezwa konyaka azalwe ngawo nadlule ngawo lowo mculi kodwa kulona kamaskandi selokhu kwathi nhlo asikaze savezelwa bukhoma umngcwabo.
Kowokholo, kwaito, jazz neminye siyavezelwa ngisho nomlando womculi odlulile kodwa kithina do.
Kusukela kuSABC1, 404 naku-eNCA lutho nje ukuyiphatha nokuyiphatha eyabaculi bakamaskandi. Umbuzo wami uthi iyiphi le ndlela abayisebenzisayo, uma ikhona esetshenziswayo, lena enobandlululo olungaka?
Sekuyisikhathi sokuthi zonke izinduna zabalandeli bakamaskandi zisitholele incazelo. Sekuyaqapheleka nje ukucwaseka komaskanda.
Nasonyakeni ofile ezingomeni zonyaka zashaywa ngesithende ezakamaskandi, sathula sabuka kodwa-ke kulokhu hhayi ngeke sithi sekwanele manje.
Fanele Kekeletso Nkosi