Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibaluleke kakhulu emlandweni nasekusimameni kwe-ANC. Lo mlando wacishe washabalala ngeminyaka yawo-1990 lapho khona osomathuba bakha isithombe okungesona bethi i-ANC ngeyamaXhosa, i-IFP ngeyamaZulu.
Isinqumo sobuholi be-ANC sokubamba ingqungquthela yohlu lwabazongena ephalamende likazwelonke nawezifundazwe, inkulumo yaminyaka yonke eyaziwa ngeJanuary 8 Statement nokwethulwa kwemigomo yokhetho yeqembu eThekwini sikhumbuza iNingizimu Afrika ngokubaluleka kwalesi sifundazwe kwi-ANC.
Kungani iKwaZulu-Natal ibalulekile kwi-ANC? Lapha ngizobalula izizathu ezimbalwa.
Esokuqala ukuthi umholi wokuqala we-ANC owakhethwa engekho kwingqungquthela eyabanjelwa eBloemfontein kwaba nguDkt John Langalibalele Mafukuzela Dube. Abanye abahola i-ANC besuka kulesi sifundazwe singabala uMnuz JT Gumede, uDkt Pixley kaSeme, iNkosi Albert Luthuli noMnuz Jacob Zuma. INkosi uLuthuli yaqokwa ngo-1952 ukuthi ihole i-ANC ezikhathini ezinzima kulandela ukwamukelwa kwe-Apartheid njengohlelo lukahulumeni kaDkt DF Malan. Wasebenza ngokuzikhandla waze wazuza indondo yokuthula, iNobel Peace Prize, ngoDisemba wonyaka ka-1961.
Isizathu sesibili ukuthi uDkt Nelson Mandela wethula inkulumo yakhe yokugcina KwaZulu-Natal. Waphinde waboshelwa khona (eHowick) eqhuba umsebenzi wakhe njengomholi we-ANC. Ekuphumeni kwakhe ejele emva kweminyaka engu-27 wabuyela KwaZulu-Natal eyobikela abaholi bakhe abafana noDube ukuthi inkululeko ababeyilwela yabe isisemnyango ngoba izwe labe selilungisela ukhetho lokuqala lwentando yeningi. Okubaluleke kakhulu futhi ukuthi uMandela wavotela kusona lesi sifundazwe, hhayi eMthatha lapho ayedabuka khona.
Isizathu sesithathu ukuthi i-KZN yisifundazwe esikhulu kunazo zonke ngokwezibalo zamalungu e-ANC. Muva nje i-Eastern Cape isuswe yiMpumalanga endaweni yesibili kodwa iKZN yalokhu imile izihola phambili. Lokhu kusho ukuthi iKZN iwumgogodla we-ANC.
Isizathu sesine ukuthi kube neziwombe ezinzima kwi-ANC nombimbi lapho esibone khona kuchitheka igazi umkhonto ugwaza ekhaya. Lokhu kwenze lwangabikho uzinzo kwi-ANC nombimbi. I-SACP ize yesabisa ngokuthi izongenela ukhetho ngokuzimela. Lesi yisimo esafaka amanzi emadolweni esizweni sonkana. Ngenhlanhla iSACP igcine isishintshile lesinqumo sayo.
Isizathu sesihlanu nokungesokugcina ukuthi udaba lukaZuma obengumengameli we-ANC nowezwe alusingathwanga ngobunono. Kunalokho ubuholi beqembu namanye amalungu e-ANC asebenzisa imizwa, inzondo nokuba ngosomathuba angasicabangela isithunzi seqembu nekusasa lezwe. Lobu budedengu badala isimo esimanzonzo i-ANC yahlukana phakathi. Ukungenzi kahle kweqembu okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2016 lwenza isimo saba sibi kakhulu. Isipikili sokugcina kwaba ukuphoqwa kukaZuma wubuholi beqembu ukuba esule njengomengameli wezwe. Lesi sinqumo sanyakazisa izwe lonke kodwa ikakhulu isifundazwe iKZN.
Ngenxa yalezi zizathu bekufanele ukuthi ubuholi be-ANC bucabange bujule ngeqhaza le KZN bese buthatha izinqumo eziphusile. Ukubanjwa kwale micimbi esengiyibalile eKZN kuzuze izinto eziningi. Phakathi kokunye singabala ukubhula umlilo odalwe yizinqumo ezinobudedengu ezathathwa ubuholi beqembu. Okwesibili nokufanele kushayelwe ihlombe ukukhumbuza isizwe ngokubaluleka kweKZN emlandweni we-ANC. Okokugcina ukuqinisa amathuba e-ANC okuthi iphumelele ukhetho luka zwelonke oluzayo. IKZN iyinsika ye-ANC.