KUQUBUKE imibhikisho elokishini kwaDambuza, eMgungundlovu, ngaphambi kokuthi uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, atheleke kule ndawo.
Leli lokishi lingezinye zezindawo zaseMgungundlovu ezihanjelwe nguRamaphosa izolo ngesikhathi esonga uhambo lwakhe lwezinsuku ezimbili lwasesifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ngaphambi kokuthi uRamaphosa afike, izakhamuzi zakule ndawo zivale imigwaqo ngamathayi avuthayo, zikhala ngokungalethwa kwezidingo.
Ababhikishi basheshe bahlakazwa ngabakwasidlodlo abebephume ngezinkani.
Ngaphakathi ehholo iSakhumuzi, lapho bekuzofikela khona uRamaphosa, isimo besimanzonzo.
Izakhamuzi zakule ndawo bezifuna ukwazi ukuthi ukuza kukaRamaphosa kule ndawo kuzozisiza ngani.
Zikhale ngokungalethwa kwezidingo kanye nezinga eliphezulu lobugebengu.
Zilandise ngesigameko lapho khona isaguga sasendaweni sabanjwa inkunzi siyohola impesheni, nalapho khona ibhungu lasendaweni lashayiswa imoto liya emtapweni wolwazi okude nasekhaya.
Zithe lezi zigameko zikhombisa ukuthi kufanele engabe endaweni yazo kunesiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana, umtholampilo nomtapo wolwazi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sibongumusa Zuma, linxuse izakhamuzi ukuba ziziphathe kahle uma sekufika uRamaphosa.
UZuma unxenxe abantu ukuthi badlulise izikhalazo zabo kuRamaphosa ngenhlonipho.
“Ngicela ukuthi singapolitiki kodwa siphakamise izikhalazo zethu.”
Ngaphambi kokuthi afike uRamaphosa, bekuthiwe kuzonikezwa ithuba izakhamuzi noma ezinhlanu ukuba zidlulise izikhalazo kuyena ngaphambi kokuthi akhulume.
Kepha lokhu akwenzekanga njengoba kunikezwe ithuba kuphela usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, nosihlalo we-ANC kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ukuba bakhulume ngaphambi kokuthi kukhulume uRamaphosa.
Esefikile uRamaphosa, izakhamuzi zakule ndawo zimamukele ngenkulu inhlokomo.
Ihholo beligcwele phama, abantu abaningi bagcine bengakwazanga ukungena ngaphakathi.
URamaphosa uthembise ukuthi usazophinde abuye kule ndawo lapho ezongena umuzi nomuzi, ezwe izikhalazo zamalungu omphakathi.
“Ngiyazi ukuthi into ekhalisa abantu abaningi kulezi zinsuku yindaba yokucishwa kukagesi. Ngiyathembisa ukuthi le nkinga siyayisukumela.”
URamaphosa uthe isifunda uMgungundlovu nesifundazwe iKwaZulu-Natal kubalulekile kakhulu emlandweni we-ANC, wathi angeke bakhohlwe yizo.
Ngaphambi kokuthi ahambele kwaDambuza, uRamaphosa uqale ngokuhlangana nomndeni wengqalabutho ye-ANC engasekho, uMnuz Moses Mabhida, waphinda wayobeka izimbali ethuneni lakhe.
Izakhamuzi ebezikule ndawo, eMbali, ziphinde zakhala nangobugebengu.
Zithe azisalali ebusuku, zikhala ngemigulukudu ezithe izingenela ezindlini izibambe inkunzi.
Khona izolo uRamaphosa uphinde waba nesidlo esikhethekile nengqalabutho ye-ANC, uMnuz Truman Magubane.
Usuku lwakhe uluphothule ngokuthi ahlangane namakhosi.
NgoMgqibelo uRamaphosa uvakashele izingxenye ezahlukene zakwaDukuza, njengengxenye yomkhankaso wokugqugquzela abantu ukuthi babhalisele ukuvota okhethweni lwangonyaka ozayo.
URamaphosa uthe akakungabazi ukuthi i-ANC izozidlela amahlanga okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Vele iKwaZulu-Natal siyayazi ukuthi ihlezi yenza kahle. Lokhu angikusho nje ngoba ngingumengameli kodwa ngibona umsebenzi osuwenziwe. Lokhu ngikubonile nayizolo ngesikhathi ngikwaDukuza.”