YIZE iningi lihlala libalisa ngokugqoza kwemishado kodwa ebandleni lamaNazaretha yinto engakhulunywa leyo njengoba kushada izinkumbi zabantu minyaka yonke.
Lokhu kufakazelwe yimishado yamaNazaretha elinganiselwa ku-1 800 ebiseBuhleni ngempelasonto njengoba bekuvalwa umhlangano kaJulayi. Kuphinde kwayiwa eSipholi (ebhentshini) kwakhethwa izintombi ezilinganiselwa ku-5000, kwabhabhadiswa abantu abalinganiselwa ku-10 000.
Okhulumela inkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe yinto eyenzeka minyaka yonke le njengoba imishado iphuma uma kunguJulayi kuleli bandla.
Echaza ngemfihlo yokuba nemishado eminingi ngalolu hlobo, uthe kungenxa yezimfundiso zamaNazaretha ngokubaluleka komshado.
“Emhlanganweni wezinsizwa u-23, kulapho inhlalisuthi ilulekwa khona ngokubaluleka komshado. Ku-14 okungowomama nakhona iyadingidwa eyomshado bese kuba wu-25 wezintombi lapho zilulekwa ngokubaluleka komshado. Uma ungasinelwe uyinsizwa ziningi izinto ezikudlulayo, ngisho kugcotshwa abashumayeli nabefundisi awunikwa lelo thuba. Noma ungaganile akulula ukuthola ithuba lokuthi ube ngumholi ebandleni. Yingakho amaNazaretha ewubona ubalulekile umshado,” kusho uMncwabe.
Ecacisa ngohlelo lomshado nokukhethwa kwezintombi okuyinto ebiyenzeka ngempelasonto, uMncwabe uthe awukho umshado obusiswa kuleli sonto kungalotsholiwe, futhi esigcawini semishado kuya izintombi nto eziqala ngokuthi ziyohlolwa ubuntombi bese zibonakala ngechashaza elimhlophe esiphongweni ukuqinisekisa ubuntombi bazo.
“Njengoba bekushadwa ngeSonto, zonke izintombi bese zihloliwe zanikwa inansuka (indwangu eluhlaza ezimboza ngayo ikhanda). Inansuka itholakala esontweni kuphela futhi inikwa umuntu oseyintombi nto ozoshada. Izintombi ezisuke zizoshada uzibona ngayo. Noma ngabe sekushadiwe ngokohlelo lwenkonzo kusuke kumele ukuthi zingapheli izinyanga eziyisithupha ungalukhiphanga udwendwe. Lokho kungenxa yokuthi noma ungashada ngokwesonto kodwa aniyi ocansini lungaphumanga udwendwe. Nakhona kugqugquzelwa ukuthi kusheshe ukuze ningaweli esonweni niye ocansini lungaphumile udwendwe, ngoba nisuke senihlanganisiwe njengendoda nomfazi,” usho kanje.
Uthe uma kufike usuku lodwendwe nikwazile ukuziphatha kahle nishadiswa wuMfundisi futhi nencwadi yomshado iyaphuma khona ebandleni ngoba kukhona uMfundisi onemvume yokushadisa. Uthe uma kufike usuku lodwendwe intombi ingasaphelele, ushadiswa wuMvangeli okuyinto angayithandi amaNazaretha.
Umlingisi woMkhokha: The Curse, uMnuz Kini Shandu ngomunye wabashadelwe ngohlelo lwamaNazaretha eshada noNksz Andile Khanyile ngempelasonto.
Uthe ujabule kabi ngoMaKhanyile futhi kube yisibusiso kuyena nasemndenini wakhe ukufika kwalesi sikhathi.
“Sengilobolile ngiqedile. Udwendwe lungoDisemba kulo nyaka. Ngijabule kakhulu futhi nomndeni wami ujabule ngokwenzekile. Kuyisifiso sabo bonke obaba ukuthi uma benamadodana aganwe,” kusho uShandu.
Ebuzwa ukuthi uzomthatha yini unkosikazi wesibili njengoba kuke kwenzeke ebandleni lamaNazaretha, uthe okwamanje akuyona into ayicabangayo.
“Kungaba yisibusiso engingeke ngisinqabe uma kungenzeka abekhona owesibili. Kungabe sibusiswe sobabili noMaKhanyile ngoba kungabe kungowethu sobabili uma efika,” usho kanje.
UMncwabe uthe ibandla lamaNazaretha likholelwa kuNkulunkulu futhi kuba yisinqumo somuntu ngamunye ukuthatha unkosikazi wesibili.
“Uma uMfundisi eshadisa kunombuzo ongasali, wokuthi nishada umshado wabantu noma okaNkulunkulu yini. Uma nishada okaNkulunkulu kusuke kusho ukuthi uzoba nonkosikazi oyedwa. Uma uthe ushada owabantu kusho ukuthi uzomthatha unkosikazi wesibili,” ubeke kanje.