IMEYA kaMasipala waseMkhabathini, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, iveze isifiso enaso sokukhulisa ezokuvakasha nezokungcebeleka endaweni yaseMkhambathini.
UNtombela uthe le ndawo abantu abaningi kabazi ngayo ekubeni inezindawo zokuvakasha ezinhle, okubalwa kuzo iTable Mountain, iGwahumbi Reserve nomgodi okhulumayo.
IMeya yalo mkhandlu ithe izimisele ukulwa nobubha nokusweleka kwamathuba omsebenzi entsheni.
"Ngiyafisa abantu abaningi bafike bavakashele indawo yaseMkhambathini ngoba sinezindawo ezinhle ngendlela eyisimanga. Thina sineTable Mountain kodwa abantu abaningi bazitshena ukuthi kumele uze uye eKapa ukuze uyithole.
Thina singumasipala sisendaweni enhle kakhulu ngoba sikakwe yiTheku noMgungundlovu, okuyizindawo asezinomnotho othe thuthu kunathi. Sinethemba lokuthi abantu bazohamba hambe babone indawo yethu.
Okunye esikwenzayo singumkhandlu wukuthi silwe nezinga lokungasebenzi kwabafundi asebegogode ezifundweni zezokuvakasha, ngokuthi sizame ukubacebisa ukuthi bangaziphilisa kanjani kunokuthi balinde uhulumeni.
Thina into esigqugquzelayo wukuthi uma ungumuntu osemusha thola izindlela ongakwazi ukuziphilisa ngazo, kunokuthi ulinde amathuba avela kuhulumeni,“ kusho uNtombela.
Uthe bameme abafundi abagogode kwezokuvakasha, baxoxo nabo, “sabona ukuthi sikhona isidingo sokuthi kuthuthuke indawo yethu ukuze kwande namathuba emisebenzi,” kuqhuba uNtombela.
Omunye wabafundi ababe yingxenye yezingxoxo zokukhulisa umnotho eMkhamabathini, uSandile Gwala, uthe bajabule kakhulu bengabafundi abangaqashiwe baseMkhambathini ukuthi baxoxe nemeya ngezinhlelo zokukhulisa indawo ngakwezokuvakasha.
“Ngingumuntu ophothule enyuvesi izifundo zeTourism, ngijabule kakhulu ukuthi umkhandlu uthe uma uba nezinhlelo zokukhulisa ezokuvakasha nathi usicabange. Into ezokhulisa uMkhambathi wukuthi thina siqale sizigqaje ngawo, bese-ke siwudayisela ezinye izindawo,” kusho yena.
Njengengxenye yokuheha izivakashi kule ndawo imeya kamasipala imeme abalingisi bomdlalo uMkhokha, uMbali Ngiba, noNkosinathi ‘Naymaps Maphalala ukuba bazoqwala intaba esemaQonqo.