NKOSIKHONA CELE
IMeya yaseMandeni, uMnuz Thabani Mdlalose uthi inkunzi isematholeni futhi umthente uhlaba usamila ngakho izinsizwa ezisencane kumele ziqale manje zifundiswe ngendlela yokuziphatha.
UMdlalose ubekade eyisikhulumi emcimbini obizwa ngokuthi Isibaya Samadoda obukade ubanjelwe ehholo lomphakathi laseNembe kuWard 05.
Ukhulume nangokubaluleka kokuba izinsizwa ezisencane zisondelane nobaba abadala yikhona zizoncela kogwansile.
“Uma ungumuntu wesilisa kuningi okusuke kubhekwe kuwena. Yingakho nje ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uthekela ulwazi ukuze uzokhula. Kumele futhi uma ungumuntu wesilisa ubonakale ufunda nezindlela ezahlukene zokuphila,’’kuchaza uMdlalose.
Umcimbi ubukade usingethwe yizinduna, abamnuzane bendawo nokubambisana noMnyangwo wezokuThuthukiswa koMphakathi esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
UMdlalose uncome zonke izinsizwa ebezikade ziyingxenye yomcimbi.
Uthe kungakuhle futhi uma zingase zande ezinye izinhlaka ezizibandakanya nohlelo lokukhuliswa kwezinsizwa ezisencane.
Kuvelile ukuthi inhlosongqangi yomcimbi kusuke kuhloswe ngawo ukuthi kudluliswe iziyalo kwakhiwe ngazo abafana bendawo abasakhula.
Lo mcimbi uthathe izinsuku ezimbili ezigcwele.