NJENGOBA seluseMome ukhetho lukaZwelonke oluzocacisa ngabazohola uhulumeni, imeya yakumasipala i-Alfred Duma, ukhansela Zama Sibisi, unxusa ukubekezelelana kumalungu amaqembu.
USibisi usho lokhu ngesikhathi ethula izinhlelo zentuthuko zesabelo mali sika-2024/25 emphakathini waseMnambithi. Umcimbi ubuseLadysmith Indoor Sports Centre muva nje.
“Noma ngabe sihlukene ngokwamaqembu epolitiki kodwa lokho akusishintshi ukuthi sisengamalungu omphakathi futhi azanayo. Izikibha zamaqembu esisuke sizigqokile siyazikhumula uma sesilala, siqhubeke sibe amalungu omphakathi ajwayelekile. Sinxusa ukubekezelelana kukhona konke esikwenzayo,” kusho uSibisi.
USibisi wethule izinhlelo zomsebenzi zesabelo mali esingaphezu kuka-R70 million. Uthe kumanje bamatasa balungisa amabhuloho nemigwaqo. Uveze ukuthi kukhona nalapho ugesi ubingekho khona abamatasa nokuwufaka ezindaweni zasemakhaya.
“Asigcinile lapho siphinde silekelele abantu abasha abaphothule esikoleni abangakayitholi imisebenzi ukuthi bakwazi ukuzithuthukisa. Abanye sibakhokhela izikweletu zabo zalapho bebeqeqeshwa khona ukuze bakwazi ukuthweswa iziqu ezisuke zivinjwe yizikweletu abanazo. Akudingi ukuthi umuntu ajuluke efuna usizo kumasipala njengoba abaningi bazifikela mathupha ehhovisi lemeya bathole usizo. Siphinde sathatha isinqumo sokuthuthukisa osomabhizinisi abancane ngokubanika ama-Voucher okuthi bakwazi ukuqhubeka namabhizinisi abo,” usho kanje.
Kosomabhizinisi abancane uMasipala ukhiphe iVoucher ka-R300 umuntu emunye, kwahlomula osomabhizinisi abangu-1 500. Kuphinde kube nemali elinganiselwa ku-R1,4 million yokuthuthikiswa kwamakhono, uR10 million wokuvula amathuba omsebenzi nokunye.
Uqhube wathi izinselelo abanazo ukuthi uma kunemisebenzi esuke yenziwa emphakathini kubuye kube nezinkinga zokuthi kuphazamiseke ukusebenza. Lokho uthe kudalwa wukuthi umphakathi usuke nezikhalo ngendlela okuqashwa ngayo kwesinye isikhathi. Ngalokho uthe akasho ukuthi umphakathi awungakhali uma ubona kukhona okungahambi kahle kodwa akube nendlela okhala ngayo kungaphazamiseki ukusebenza.
Kuwona lo mcimbi bekukhona nogaqele isikhundla sokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uKhansela Thambi Ntuli. UNtuli ophinde abe nguSihlalo wenhlangano ephethe omasipala iSalga, uthe iyamkhalisa indlela okwabiwa ngayo imali kuhulumeni. Uthe omasipala okuyibona abanomsebenzi omningi wokuthuthukisa umphakathi banikwa u-9% kuphela kwisabelo mali bese uhulumeni wesifundazwe uthole u-40% kanti uhulumeni omkhulu unikwa u-51%.