IMEYA kaMasipala waKwaDukuza uNksz Lindile Nhaca, ichitha izinsolo zokudizela amakhansela eqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) ngemali engango R400 000.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi kusabalale isiqophazwi esisola uNhaca nezikhulu ezimbili zikaMasipala ngokukhipha lemali ziyinikeze amakhansela eEFF ukuhlelela ezokuthutha ukuya kwiRali yomgubho weminyaka elishumi eGoli.
Eziphendulela uNhaca uthe, leli yitulo izitha zakhe ezimakhela lona ukuze zimuketule, wathi akuwakhi umqondo ukuthi enganikela ngemali kuEFF ekubeni lamaqembu kuyinkukhu nempaka.
“Leli yisu lepolitiki elihleleke kahle elihlose ukubukela phansi ubuqotho bethu nerekhodi lokukhuthala nokulwa nenkohlakalo futhi lisebenza njengendawo yokubukela isithunzi sikahulumeni oholwa yi-ANC nabaholi bayo phansi ngaphambi kokhetho luka-2024. Ngakhoke ngifisa ukukuchitha lokhu njengoba kusijivaza kuphinde kubukele phansi zonke izikhulu zalomkhandlu ezisebenza kanzima.
Lezi zinsolo ziyangiphazamisa futhi zingishiya nginemibuzo nje yokuthi umholi kahulumeni onomgomo angayenza kanjani into efana nalena. NginguSihlalo we-Finance Portfolio noSihlalo we-Budget Steering Committee lapho nginomthwalo wokwengamela ukulethwa kwezidingo zomphakathi, ngakho-ke kuyinhlamba ukuphakamisa ukuthi lemali engaka, yakhishwa esikhwameni somphakathi bese idluliselwa eqenjini leEFF. UMasipala waKwaDukuza awunaso isabelomali noma uhlaka lwenqubomgomo olubhekelela ukuxhasa ngezimali amaqembu epolitiki noma ikhansela ngalinye,” kuchaza uNhaca.
Eqhuba uNhaca, uthe Imikhankaso yokunyundela ubuholi be-ANC njengoba kubhekwe okhethweni luka-2024 isizoba miningi. Uthe Uma kwenzeka ukuthi nebala bayikhiphile lemali umcwaningi mabhuku jikelele kanye nekomidi lokucwaninga amabhuku liyokwenza uphenyo olunzulu ukuze kutholakale iqiniso.
“Okwamanje zonke izinsolo ezibekwe mina siyazichitha futhi asizazi, ngeke sivumele abantu abangasifuni bebukele ubuqotho bethu phansi.Ngithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi ukwabiwa kwezimali okugunyazwe KwaDukuza kusezandleni eziphephile futhi sinomlando omuhle wokusebenzisa lemali,” kusho uNhaca.
Usihlalo weqembu iEFF, uMnuz Mongezi Thwala, uthe loludaba lufikile ezandleni zabo futhi lungaphansi kophenyo.
“Njengosihlalo waleli qembu sathi uma sizwa lezinsolo sabiza lamakhansela athintekayo yokuyinto ayiphikayo. Thina ngeke sivele sikholwe inzwabethu, kunalokho sicela ubufakazi obuphathekayo ngoba kungenzeka ukuthi kukhona abafuna ukungcolisa igama lenhlangano yethu,” kusho uThwala