ISOBISHINI iMeya kaMasipala eNdumeni, eDundee, uMnuz Siyabonga Ndlovu. Imeya isolwa ngokubolekisa ngemoto yomkhandlu kumuntu ongagunyaziwe ukuthi ayishayele, wayishayisa.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongaphakathi kumasipala ukuthi uNdlovu unikeze umuntu ongafanele imoto yomkhandlu baya eMnambithi, nokuyilapho abehlelwe khona yingozi kwashayisa imoto.
UMasipala waseNdumeni, usezandleni ze-IFP ewuphethe ngokubambisana neDA, okuwumshado oqale emuva kokhetho lohulumeni basekhaya. Umthombo uthi umuntu obeshayela imoto ugada umuzi wemeya kodwa akagunyaziwe ukuyishayela.
“Kunendoda egada ekhaya lemeya, kusho ukuthi uyinike imoto yavela yayishayisa.Akukuhle neze emkhandlwini ngenxa yalolu daba ngoba maningi amaphutha awenzayo umhlonishwa,’’ kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe, kunemvunge ngendlela imeya eziphatha ngayo kanti neDA ebambisene ne-IFP ishaya amakhala ngamaphutha emeya.
Ibuzwa iMeya uNdlovu ngodaba, ivumile ukuthi imoto ibe sengozini kodwa yathi indlela osekubekwa ngayo inehaba phakathi.
“Kuyiqiniso imoto ibe nengozi bengikhona phakathi ngihamba nomuntu ogunyaziwe ukuyishayela, besinqamula irobhoti sashayisana nenye imoto. Abantu bamaqembu aphikisayo bazokwenza konke okusemandleni ukusibeka kabi,’’ kuchaza imeya ngengozi yemoto.
Umholi wekhokhasi ye-IFP kumasipala uMnuz Xolani Msezane, uthe bayazi ngodaba kodwa basalinde imeya ukuthi ibachazele ngokwenzekile.
“Umhlonishwa umeya ubengakasichazeli kahle ngokwenzekile futhi udaba belungakabekwa emkhandlwini luxoxwe kahle. Njengoba silapha komasipala sijutshwe amaqembu ethu ngiyacabanga nalo iqembu lizoluxoxa udaba,’’ kusho uMsezane.
Ebuzwa ngodaba uMnuz Sithembiso Ntombela, oyimenenja kaMasipala, uthe akubuzwe usomlomo. USomlomo uMnuz Andile Nsibande uthe ubengakabikelwa ngodaba akakwazi ukuphawula ngalo.