IMENENJA kaMasipala wasebaQulusini, uMnuz Zweli Dhlamini, ichitha izinsolo zokuthi kayinazo iziqu ezifanele ukuthi ibe sesikhundleni ekuso.
UDhlamini uthe izinsolo zokuthi ukulesi sikhundla ngeziqu eziwumbombayi, ziyitulo lokudicilela phansi isithunzi sakhe. Ukusho lokhu ephendula isitatimende sabezindaba esisanda kukhishwa yi-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, lapho ifuna incazelo ngezizathu zokuqashwa kwakhe.
Esitatimendeni i-ANC yathi uDhlamini waqashwa yize kunezinsolo zokuthi uneziqu eziwumkokotelo.
UDhlamini, uthe iziqu zakhe zisemthethweni. Uthe i-ANC isibuya nasenhlanganweni ebhekele iziqu, iSA Qualifications Standards, yathola ukuthi iziqu zakhe zisemthethweni.
Uthe uneziqu eziningi ezahlukene futhi akamile ukufunda njengoba ebhalisele ukwenza iPhd esikhungweni semfundo esise-USA, iNewburgh Seminary.
“Ngiqede u-matric ngaba yiphoyisa. Ngesikhathi ngiyiphoyisa ngenze i-diploma kwiPolitical Leadership eSt Augustine Private University, ngenza ne-diploma kwiGovernance and Democracy eSweden. Ngiphinde ngenzanoxhaxha lwama-courses okubalwa iProject Management eRegenyses College RSA, Concrete Technology engayenza kwi-Institute of Cement and Concrete, neFreelance Journalism e-INTEC College.
“Ngiphinde ngibe neCertificate kwiMunicipal Finance Management, ngaphinde ngenza ne-diploma kwezomthetho. Lezi ziqu zami zithe uma sezihlanganisiwe zangivumela ukuba ngenze iMasters kwezomthetho engiyenza e-University of Salford e-United Kingdom.”
Ngaphambi kokuthi uDhlamini aqashelwe esikhundleni akuso, uke wasebenza engumqondisi eminyangweni ehlukene kuMasipala wasoLundi, okubalwa iCo-operate Services, Community Services neProtection Services.
UDhlamini uphawula nangezinsolo zokuthi umkhandlu uhleli phezu kombiko wekomiti lezobuqotho ebeliphenya izinsolo zokumoshwa kwemali yomkhandlu, ngokuqashwa kwezimoto eziningi nabaqaphi bezikhulu ngaphandle kokuthinta amaphoyisa abezobheka ukuthi izikhulu eziqashwayo zisengcupheni yini ukuthi sezingaba nabaqaphi.
UDhlamini uthi izimoto abakhuluma ngazo zaqashwa engakafiki kumasipala. Uthe phakathi kwamakhansela agadwayo kubalwa nekhansela leDA, uMnuz Swelakhe Shelembe, owanikezwa umqaphi emva kokuthi esinde edutshulwa.
"Sasingeke odabeni lwakhe silinde amaphoyisa ukuba ahlole ukuthi akaphephile ngempela yini, ekubeni sekunento ephathekayo ukuthi usinde ebulawa," kusho uDhlamini.