IMBONGI uSiyabonga Mpungose ithi isithole izinsongo zokubulawa kulandela umbhalo yawo enkundleni yokuxhumana uFacebook.
USiyabonga Mpungose waqala ngokunxenxa intsha yaselokishini laseMpophomeni eMgungundlovu ukuba ihlangane ukuze ilwe nezinkinga ezikhungethe intsha yakulendawo ezifana nokusetshenziswa kwesidakamizwa iwunga, nokuntuleka kwamathuba omsebenzi kule ndawo.
Wabe esebhala kuFacebook ukuthi ukuze kufezekiswe lokhu kuzofanele baqale ngokukhipha labo asebebadala ehhovisi lentsha kuMasipala waseMngeni.
Uthi lo mbhalo awehlanga kahle kumholi osehhovisini lentsha, uMnuz Sphe Mkhasibe, athi wamushayela ucingo emsongela ngokumbulala ethi akakwesabi ukubulala umuntu yena.
Umbhalo owafakwa uSiyabong Mpungose kuFacebook
"Ngakusho lokhu ngoba akulungile ukuba ihhovisi labantu abasha liphathwe abantu abangeyona intsha ngoba abaziqondi izinkinga esibhekene nazo siyintsha kule ndawo. Lo mholi wangisabisa ngokungibulala ngoba ethi lokhu engikushoyo ngilwa naye uqobo," kusho uMpungose.
UMpungose wabe esebikela amaphoyisa ngaloludaba, ashayela uMkhasibe ucingo ukuba kuxoxiswane. Kubikwa ukuthi uMkhasibe waxolisa emaphoyiseni ngakusho kodwa wenqaba ukushayela uMpungose ucingo axolise kuyena uqobo.
Ethintwa yiSolezwe ngalolu daba uMkhasibe ukuchithile asolwa ngakho wathi uyesukelwa, akakaze asabise muntu.
"Angikwazi lokhu okhuluma ngakho, uma unemibuzo ngezinto ezithinta umasipala kufanele ushayele wona uqobo ngoba mina angikaze ngisongele muntu," kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala.
"Amaphoyisa aseMpophomeni aphenya icala lokusabisa ngemva kokusongelwa ngokufa kwesinye sezakhamizi zakulendawo," kusho uGwala.