UNGENE enkantolo eqhutshwa ngamaphoyisa emoyizela, egcwele injabulo owesilisa osolwa ngokuklinya abulale ingane yakhe wayilahla ehlathini KwaNdengezi.
UMnuz Siyabonga Shezi waseNtshongweni, eThekwini, ubekade evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Uthweswe icala lokubulala indodana yakhe eyayineminyaka eyisishiyagalombili, uSifundo Sibisi, ngoJanuwari 2023. Umufi wayephasele uGrade 4 esikoleni samabanga aphansi, Umthala Primary.
UShezi ungene enkantolo wahlala phansi ebhokisini labasolwa, kwathiwa akasukume ame ngezinyawo.
Ube eseqala eqalaza izinhlangothi zonke wagcina edonse amehlo eMantshi J Goorie.
Imantshi ibe isibuza uShezi ukuthi kungani ekhwishizela, ebheka emuva nasemaceleni?
Uphendule wathi ukhumbule umndeni wakhe, manje uyaqalaza ukuthi ukhona yini enkantolo ukuzomeseka.
Imantshi ibe seyibuza kubantu abebekade bethamele icala ukuthi ukhona yini oyisihlobo sikaShezi, kwaphendula ngokuphakamisa isandla owesilisa obekade ethwele isigqoko enkantolo.
Le ndoda iyalelwe yiphoyisa ukuthi isuse isigqoko ekhanda.
Iqhubelike imantshi yatshela uShezi, yathi nasi isihlobo sakhe, ufuna ukuthini kusona, waphendula ngokuthi ufuna ukubingelela.
Unikeziwe leyo nkululeko uShezi wabe esephenduka ebheka ngakusona wathi: “Sawubona mfowethu, unjani? Basaphila ekhaya? Ubatshele ukuthi ngiyabakhumbula,” kusho Shezi emoyizela.
Imantshi ibe isimkhumbuza uShezi ukuthi kusenkantolo lapha, akaziqoqe, azihlele kahle bese egxila entweni ezelwe khona.
Kwenzeka konke lokhu nje, unina kaSifundo, uNksz Nonhlanhla Sibisi, ubebukeka ekhathazekile, ecwayiza engaqedi ethule du enkantolo.
Ubegqoke isiklibha esimhlophe ebekade sinobuso bukaSifundo sinamagama athi “Uphumule ngokuthula.”
Kulesi siklibha bekufaswe kusona nesipeletu ebesinesithombe somholi webandla lakwaShembe eBuhleni, uMnuz Mduduzi “uNyazilwezulu” Shembe.
Bekulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala izolo, kodwa uShezi wathi usafuna ukufaka kabusha isicelo sebheyili. Lokhu ukusho ngomlomo wakhe kwafakazelwa nawummeli, uMnuz Mfanunje Dlamini.
Phambilini uShezi wayekade eyibongile ibheyili.
Imantshi ibe isikubekela uLwesibili oluzayo ukulalelwa kwesicelo sebheyili, yathi akukuhle ukulokhe kuhlehla icala.
Ngaphandle kwenkantolo uNksz Sibisi uphimise amazwi athi: “Uma kwenzeka kanjena (icala limi ndawonye), kuvele kuthi angiyiyeke phansi yonke mina le nto.”
Ube esefulathela abantu akade emi nabo isikokela, abebekade bezomeseka enkantolo, wayoncika odongeni wakhihla esikaNandi.
Nabebekade bezomeseka bagcine sebechiphiza izinyembezi, bethi kubacasulile okwenziwe uShezi ehleka, bamsola ngempakamo nokungazisoli.
Phambilini, uNksz Sibisi watsheka Isolezwe ukuthi uShezi wasonga wathi uzombulala umufi ngenhloso yokumfundisa isifundo.
UNksz Sibisi usola ukuthi uShezi wabulala ingane ngoba wayengafuni ukwamukela ukuthi ucu alusahlangani.