IZWE libhekene nobugebengu obehlukene okuhlale kubikwa ngabo nsuku zaphuma kwabezindaba, nasemphakathini ngokwehlukana kwezindawo.
Nakuba ziningi futhi zehlukene izizathu ezibhebhethekisa izenzo zobugebengu emphakathini kodwa enye yezinkinga ezibhekene nezwe, yizinga eliphezulu lokusetshenziswa kwezidakamizwa. Ziningi izigebengu okuvela ukuthi zithola isidindi sokwenza izenzo zobulwane ngenxa yezidakamizwa.
USolwazi Christian Bezuidenhout wophiko olucwaninga ngezobugebengu eNyuvesi iPretoria, ukholwa wukuthi ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokutholakala kwazo kalula iyona nkinga enkulu ebhekene nezwe.
“Inkinga enkulu wukuthi lezi zidakamizwa ezisetshenziswa ngabantu ngokweqile ikakhulu entsheni, zenza ukuthi izingane zigcine zingasayi ngisho ezikoleni. Lezi zidakamizwa zithengwa ngemali, ongene kuzona engasebenzi ugcina efuna izindlela ezilula zokuthi azithole. Ayeke isikole aqale ubugebengu bokondla umkhuba wakhe wezidakamizwa. Umuntu ugcina esenza noma yiluphi uhlobo lobugebengu, inqobo nje uma luzomnika imali yokuthi athole into yakhe. Ukuntshontsha, ukubulala umuntu, ukugqekeza emizini yabantu konke kugcina kuyinto elula nje,” usho kanje uSolwazi.
Eqhuba, uthe ocwaningweni abasanda kulenza ezikoleni ezahlukene ezweni lonke, bathole ukuthi enye inkinga enkulu edala ukuthi kwande abantu abasebenzisa izidakamizwa ngokweqile, wukuthi u-60% wezingane ukhula ungahlali nabazali, okwenza zikhule zingalawuleki, lokho okwenza zilutheke kalula.
“Okunye okukhathazayo wukuthi lena akuyona inkinga ebhekene nohlanga oluthile kuphela, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi kunjalo. Yinkinga esihluphayo ezweni lonke nokudinga ukuthi isukunyelwe ukuze ilungiseke. Okunye okusibeke lapha esikhona manje wukujwayela ukusebenzisa udlame ukulungisa izinkinga, okwenza ukuthi umuntu okhule kanjalo, azitshele ukuthi yindlela elungile yokwenza izinto, okwenza kube lula ukuthi ahlukumeze abanye abantu,” kusho uBezuidenhout.
Ungoti wezomthetho ophikweni oluzimele, i-Institute for Security Studies, uNksz Lizette Lancaster, uthe ukusetshenziswa kwezidakamizwa ngokweqile ezweni ngenye yezinkinga okudingeka ukuthi ifakelwe izibuko ngokushesha ngenxa yokuthi inomthelela omubi kakhulu kwinhlalakahle yomphakathi.
“Yinkinga yethu sonke lena, okudingeka ukuthi sibambisane nohulumeni ukuyilungisa. Kodwa ingcabha enkulu ngiyiphosa kuhulumeni, engikholwa wukuthi akakenzi okwanele ukuvimba ukushushumbiswa kwezidakamizwa, iningi lazo ezingekho emthethweni nezingena kuleli zwe zisuka kwamanye amazwe ngokungemthetho. Zibulala intsha yethu futhi ziholela ekutheni kuhlukumezeke umphakathi wakithi,” kusho uNksz Lancaster.
UBezuidenhout uxwayise nangokuthi akumele ishaywe indiva eyokusetshenziswa ngokweqile kwezidakamizwa okusemthethweni ukuzisebenzisa, kubalwa utshwala nensangu.
“Ucwaningo esengike ngalwenza lwaveza ukuthi abantu abagcina beyimilutha yezidakamizwa ezingekho emthethweni, basuke beqale ngensangu. Ngeke sikubalekele futhi ukuthi abanye abantu baqala ngokusebenzisa izidakamizwa ‘ukuthatha isibindi’ andukuba benze izinto ezihlukumeza amalungelo abanye abantu emphakathini,” kusho uBezuidenhout.