IKOMITI lezokhetho kwi-ANC selikuchithile ukuthi lijaha abaholi abasohlangothini oluthile kwi-ANC elibavale ekutheni bakhethelwe esigungwini esiphezulu sale nhlangano engqungqutheleni eqala ngoLwesihlanu, eNasrec, eGoli.
Lokhu kulandela ukuvalwa kwabaholi abangamalungu esigungu esiphezulu oMnuz Tony Yengeni noNksz Bathabile Dlamini, ukuthi bakhethelwe kulesi sigungu ngoba bake balahlwa ngamacala phambilini.
UYengeni uthe sekuwukufa kwe-ANC kanti uNksz Dlamini uyasiphikisa lesi sinyathelo saleli komiti sokumvimba ukuthi akhethwe.
Unobhala waleli komiti, uMnuz Chief Matsila, ekhuluma ne-eNCA izolo, ukuchithile ukuthi imigomo ye-ANC izingela abaholi abathile kuphela.
Uthe abakhethi muntu kwi-ANC noma kungaba umholi noma uyilungu elijwayelekile.
“Bakhona abanye abaholi okunefu elimnyama phezu kwabo kodwa abangenele umbango wezikhundla eziphezulu, abavaliwe ukuthi bangenele umbango. Kunabanye amagama abo avela embikeni weKhomishini ebiphenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana kodwa bavumelekile ukuthi bangakhethwa. Abake balahlwa ngamacala yibona okungavumelekile ukuthi bakhethelwe ezikhundleni eziphezulu. Asicheme namuntu noma nahlangothi oluthile uma sinquma.”
Uthe eminye yemigomo yenziwa yisigungu esiphezulu senhlangano laba abaholi abayingxenye yaso.
“Le migomo yenziwa yisigungu esiphezulu laba abaholi abayingxenye yaso. Abaholi abangeneme ngokukhishwa ngaphandle basanethuba lokuthi bafake isimangalo ekomitini lezokhetho, babeke uhlangothi lwabo.”
Uthe kube nomhlangano nabo bonke onobhala bezifundazwe nebamba likaNobhala-Jikelele, uMnuz Paul Mashatile, mayelana nengqungquthela, yonke into isimi ngomumo.
“Yonke into isimi ngomumo mayelana nengqungquthela. Amagatsha ayeza engqungqutheleni, indawo yokubambela ingqungquthela ikhona sekusele ukuthi ihlale nje, singasho ukuthi yonke into imi ngomumo.”
UNksz Dlamini kulo nyaka ugwetshwe iminyaka emine noma inhlawulo kaR200 000 ngokuqamba amanga ngeqhaza lakhe esangungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, efakaza ngezinto ezazenzeka eSassa.
UYengeni wagwetshwa iminyaka ngeqhaza lakhe enkohlakalweni ethinta ukuthengwa kwezikhali.
UMatsila uthe ingqungquthela yango-2017, eyanquma ukuthi kwenziwe imigomo ngabantu okumele babe ngamalungu esigungu esiphezulu se-ANC kanjalo nabazongenela umbango wokuhola le nhlangano.
Uthe abaqondi ukuthi kungani abantu bedideka ngoba awuvunyelwe uma uke walahlwa amacala noma usubekwe amacala ngokusemthethweni ulinde ukuthi icala liqulwe.
Kwenzeka lokhu nje, kusasa kuhlangana iPhalamende lapho lizobhunga ngombiko wethimba ebelijutshwe nguSomlomo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukubheka ukuthi likhona yini icala okumele aliphendule uMengameli Cyril Ramaphosa ngodaba oluthinta ukutholakala kwemali engamaDolllar epulazini lakhe iPhala Phala eLimpopo ngo-2020.
URamaphosa uzobhekana noDkt Zweli Mkhize embangweni wokuhola le nhlangano.