ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iBerea Technical College, sithi zevile ku-1 000 izitshudeni ebezifunda kulesi sikhungo ezithweswe iziqu zazo phakathi kuka2020 no-2022 esezivele zithole amathuba okusebenza ezindaweni ezehlukene.
Umqondisi ophikweni lokwemukelwa kwezicelo kulesi sikhungo, uMnuz Sibongiseni Magwaza, uthe abakubheka kakhulu wukuthuthukiswa kwamakhono antulekayo kuleli.
“Asifuni ukubona izitshudeni zethu zilengise izicucu zazo ezindongeni, kodwa sifuna zithole izicucu ezizozisiza zithole imisebenzi zikwazi ukondla imindeni yazo. Sikholelwa ukuthi zonke izitshudeni kumele ziphumelele ngakho uma ungakwazanga ukuphasa u-matric noma uthole amamaki agculisayo angakuholela ekutheni wamukelwe enyuvesi, leli kolishi liyakusiza,” usho kanje.
Leli kolishi eligubha iminyaka engu-25 lasungulwa, kuthiwa linezifundo ezevile ku-100 ezinikeza amakhono adingekayo asiza ekutholeni umsebenzi, okubalwa phakathi kwazo i-Engineering, Information Technology, Management, Marketing, Commerce, Education, Hospitality, Travel and Tourism, Media, Transport and Logistics neminye imikhakha eminingi.
Siphinde sisize izitshudeni ukuthi zibhale kabusha izifundo zazo zika-matric, kanti siyalekelela ekuphuculeni imiphumela emikhakheni ekhethiwe yisitshudeni ukuze sigcine sikwazile ukwemukelwa kumanyuvesi amabili kulesi sifundazwe okuyiDurban University of Technology neMangosuthu University of Technology.
.