UBHEKENE nengwadla umkhakha wamaphoyisa kuleli njengoba sisincane isibalo sawo ekubeni sanda isibalo somphakathi odinga usizo.
IPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wamaPhoyisa, uMnuz Cassel Mathale, likhale ngokuthi sekuneminyaka engaqashwa amaphoyisa kuleli.
Lesi sikhalo usiveze ngesikhathi bevele phambi komkhandlu wezifundazwe ePhalamende.
UMathale uthe babalelwa ku-60 million abantu kuleli abadinga usizo lwamaphoyisa angu-140 000. Uthe sincane isibalo samaphoyisa aqashwa minyaka yonke ekubeni kushona inqwaba.
“Sibhekene nengwadla yokuthi ngo-2010 sasandile isibalo samaphoyisa ayegade umphakathi ongu-50 million. Ayengu-151 000 amaphoyisa ngaleso sikhathi.
“Manje umphakathi wandile ungu-60 million, isibalo samaphoyisa sehlile saba ngu-140 000.”
Uthe ngo-2012 sike sanyuka isibalo samaphoyisa safinyelela ku-157 000, sabuye sehla unyaka nonyaka.
Ubalule nokuthi u-10 000 ozongena embuthweni wamaphoyisa ngoDisemba, uzovala izikhala ezivulekile ezifundazweni.
ULieut-Gen Puleng Dimpane, umphathi wezimali embuthweni, uthe ngonyaka kushona amaphoyisa angu-6 000.
Uthe kusho ukuthi lo 10 000 ozongena uzovala isikhala sangu-6 000 ashona minyaka yonke bese amanye evala izikhala ezikade zavuleka.
“Lo 4 000 uzovala izikhala ophikweni olubhekela imibhikisho nezibhelu iPublic Order Policing (POP) ngoba yilapho kudingeka kuqiniswe khona. Sincane kakhulu isibalo esiqashwayo ekubeni amaphoyisa ayashoda.”
Uthe lokhu kunqinda imizamo yokulwa nobugebengu kuleli.
Ubalule nesabelomali ukuthi sinomthelela ekutheni kungandiswa isibalo samaphoyisa ngendlela efanele. Amalungu ePhalamende akhale nangokushoda kwezimoto zamaphoyisa, iziteshi zamaphoyisa ezingekho esimeni, amaphoyisa azikhulula ezigangeni ngoba zingekho izindawo zokuzikhulula kanjalo nokushoda kwezinsiza zokuhlola labo abasuke bedlwenguliwe.
UMathale unxuse amalungu ePhalamende nomphakathi ukuthi kubikwe lezo zimoto zamaphoyisa ezipakwa ezindaweni ezingafanele.
“Siyanxusa ukuthi sibikelwe ngezimoto zamaphoyisa ezima isikhathi eside endaweni eyodwa ekubeni uma abantu beya eziteshini zamaphoyisa bafike batshelwe ukuthi izimoto kazikho. Ezimotweni kunezinombolo zocingo nokuthi ngezakusiphi isiteshi akushayelwe zona zibikwe uma zisendaweni engafanele.”
Unxuse ukuthi kubikwe uma kukhona izinsiza ezishodayo eziteshini.