IYAQONGA ingcindezi ebhekene noMengameli Cyril Ramaphosa yokuthi ajube uphiko oluphenya amacala athinta inkohlakalo, iSpecial Investigating Unit (SIU), ukuthi iphenye inkohlakalo kwi-National Skills Fund.
Lesi sikhwama esingaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme, sakhelwe ukuphucula amakhono nokuxhasa izinhlelo ezehlukene.
I-DA, Fedusa nophiko lwentsha lwe-EFF bakhala ngenkohlakalo edla lubi kulesi sikhwama.
Muva nje kuvele umbiko wokuthi kunemali ebalelwa ku-R123 million, eyakhwatshaniswa esikhwameni.
UNkk Desiree van der Walt, iphini lomkhulumeli we-DA kwezemfundo ephakeme, unxuse uRamaphosa ukuthi ajube i-SIU ukuthi iphenye ngenkohlakalo kulesi sikhwama.
Uthe le mali engu-R123 million eyadliwa, kusolwa ukuthi yathenga izimoto zikanokusho nepulazi.
Uveze ukuthi le mali yayihlelelwe izinhlelo zokufuya onogwaja, kuqeqeshwe imiphakathi ngalokhu kufuya baphinde bayiswe kwamanye amazwe.
“Sifuna i-SIU iphenye. Abathola lolu xhaso kuthiwa basebenzisa kuphela u-R1.6 million ohlelweni lokufuya. Sethemba ukuthi ungqongqoshe omusha emnyangweni uzobeka phambili izitshudeni ezidonsa kanzima, akhuculule inkohlakalo.”
IFedusa igxeke inkohlakalo kulesi sikhwama yathi le mali bekufanele yenze izinhlelo zokuqeda indlala.
Inxuse abezomthetho ukuthi babophe abakhwabanise imali yomphakathi.
“Siyayigxeka eyokuthi imali ebihlele ukuphucula umphakathi igcine isiyenza okunye. Akubuyiswe le mali elahlekile ukuze ifakwe kwezinye izinhlelo.”
I-EFFSC ithe ukwebiwa kwale mali kuphuca intsha ithuba lokuthola amakhono.
Ithe kufanele kuboshwe abathintekayo, kuliwe nenkohlakalo ebuyisela izwe emuva.
“Ngeke siphumule kuze kubanjwe abenzi bobubi. Kumele benziwe isibonelo labo okuyotholakala ukuthi babe neqhaza kule nkohlakalo.”
OwayenguNgqongqoshe womnyango, uDkt Blade Nzimande, wakuveza ePhalamende ukuthi kunophenyo ababelwenza mayelana nokungacaci ukuthi washonaphi u-R5 billion kulesi sikhwama.
Wajuba ithimba elaliphenya ngalokhu kunyamalala kwale mali eminyakeni emibili yezimali.
Okhulumela uNzimande, uMnuz Veli Mbhele, ucashunwe kwiNewzroom Afrika, ethi ezinye zezinto seziphenywa abezomthetho ngakho akakwazi ukukhuluma ngazo.
Uthe uNzimande usaya komunye umnyango wathi unethemba ukuthi uMnyango weMfundo ephakeme uzophawula maduzane ngalolu daba.