IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, usenxuse amaphoyisa ukuthi aphuthumise uphenyo ngokubulawa komthwebuli weSolezwe, uMnuz Bongani Mbatha.
UMbatha (51) waseWoodyglen, eHammarsdale, ubulawe ngabantu abangaziwa ngoLwesibili.
Ababulali bamngenele endlini, bamdubula, waphuma ezama ukubaleka kodwa baqhubeka nokumdubula waze wayowela phambi komuzi wakubo, nokuyilapho athulele khona.
Edlulisa amazwi enduduzo uKaunda, ukhalisane nomndeni wakwaMbatha, ozakwabo nabangani.
“Siphatheke kabi kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMbatha. Sinxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla nangokuphuthuma ukuphenya ngokubulawa kwakhe, abambe abenzi bobubi,” kusho uKaunda.
UKaunda uchaze uMbatha njengomthwebuli obezinikele emsebenzini wakhe, esebenza ngokuzikhandla futhi ekhiqiza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu.
“Silahlekelwe yithalente nekhono eliyisimanga ngokushona kwakhe. Sikanye nomndeni wakwaMbatha ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uKaunda.
UNkk Joan Chirwa, wekomiti elilwela ukuphepha kwezintatheli emazweni aseNingizimu ne-Afrika, naye udlulise amazwi enduduzo ngokubulawa kukaMbatha. Uthe babikelwe ngalesi sehlo kanti badlulisa amazwi enduduzo.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, ngeSonto lizohlonipha uMbatha ngekhasi elikhethekile elizobe linomsebenzi wakhe.