NJENGOBA uGrade R ungene ngokusemthethweni eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo usuka eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, izinyunyana zothisha zihlabe ikhwelo lokuthi kumele bahole njengabanye othisha abaqashwe wumnyango.
Labo thisha okwamanje baholelwa yizikhungo abaqashwe ngaphansi kwazo nakuba sebengaphansi koMnyango wezeMfundo.
Kuwumlando ukuthi izinyunyana zothisha zihlale zilwela ukuphuculwa kwezimo zokusebenza kwalabo thisha njengoba bengatholi ngisho imali yokuthenga izindlu neminye imihlomulo etholwa ngabanye ozakwabo.
UNobhala-Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kumele labo thisha bahole imali efana nabanye othisha.
Uthe labo thisha bayagqilazwa, abakhokhelwa imali okumele ngabe bayayihola.
“Bangabantu ababalulekile ngoba bafundisa isisekelo semfundo. Kumele babhekelelwe kangcono kunalokho abanikwa khona manje.”
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe kade babeyilwa eyalabo thisha bengakafakwa ngisho ngaphansi koMnyango wezeMfundo.
“Kumele babhekelelwe kangcono ngoba sebengene emkhakheni ofana nabanye othisha. Njengoba uGrade R usuyimpoqo nabo kumele izimo zokusebeza zishintshe.”
Phambilini, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, wathi labo thisha bazoqhubeka babeseke ngokuthi baphucule iziqu zabo wathi kodwa bazoqhubeka baholelwe yizikhungo ezibaqashile.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, usanda kumemezela ukuthi uzoqasha othisha ababalelwa ku-500 bakwaGrade R uma kuqala unyaka ozayo.
Wathi bazoqasha labo abaneziqu ezifanele zokufundisa bathathe imali abebeyikhokhela abebehlola ukushisa kubafundi ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, bakhokhele labo thisha.
Lesi sinyathelo sanconywa kakhulu njengoba kuhlale kukhalwa ngokunganakwa kwalabo thisha.
UMaluleke uthe bazoba nenkundla yokuchazela abangaqondi ngokusuka kukaGrade R eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi uza eMnyangweni wezeMfundo ngoba kukhona namanje abangenalo ulwazi olwenele.