UMENGAMELI weSadtu uMnuz Magope Maphila, uthe bafuna kubuye othisha abafundisa umculo ezikoleni.
UMaphila uthe abantu abavelele emikhakheni ehlukene kuleli, kungaba semculweni, nakwezemidlalo baqale ezikoleni.
Uthe othisha kudingeka bakhiqize amakhono adingwa yizwe ngokushesha.
“Kumele sisebenze kanzima ukuze sibe nothisha bomculo ezikoleni. Ungabala abantu abavelele kwezemidlalo, ebholeni, kwi-rugby, ekubhukudeni nakweminye imikhakha basuke beqale ukuvelela besezikoleni. Izikole zethu zabamnyama ezidinga labo thisha ngoba ikuzona lapho beshoda khona.”
Ukusho lokhu eThekwini ngesikhathi inyunyana igubha iminyaka engu-33 yasungulwa Le nyunyana igubhe le minyaka ngomculo wamakhwaya kuleli dolobha.
Uxwayise amalungu enyunyana ukuthi angazibandakanyi nomkhuba wokudayiswa kwezikhala.
Uthe lapho la malungu ayingxenye yethimba lababhekele uhlelo lokuhlola abafuna izikhala, kumele bakwenze lokho ngobuqotho.
“Umkhuba omubi lo ebesicabanga ukuthi uyaphela. Kucacile ukuthi isihlava esisekude ukuphela. Yinto okumele silwe nayo siyikhuculule ngoba inkohlakalo,.”
Unobhala jikelele wale nyunyana uMnuz Mugwena Maluleke, ukhale ngesihlava sokubulawa kothisha nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe kumele ngomculo kufundiswe abantu ukuthi kuliwe nalesi sihlava.
“Umculo ungasiza kuliwe nalesi sihlava esimbi sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Umphakathi awusukume ubhukule ulwe nalezi zinto ezibuyisela izwe emuva.”
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uncome abaholi bale nyunyana ngokubumba inyunyana eyisa izwe phambili.
Uthe uma abaholi bale nyunyana befuna ukuhlangana naye umane ajuluke ngoba uyazi ukuthi kusuke kuzoliwa.
“Into enhle ngukuthi sizophuma kulowo mhlangano nomhlahlandlela wezinto okumele zenziwe. Ngiyalincoma iqhaza lale nyunyana kwezemfundo.”
Uthe othisha kumele besekwe, bahlonishwe baphinde banikwe izinsiza zokusebenza.
Uqhube wathi kumnandi ukuba nguthisha ngoba wonke umuntu empilweni udlula kuyena.
“Noma ungaba wumuntu odumile, onemali noma ophumelele usuke udlule kuthisha. Uthi uma usumbona lowo muntu uzincome ngokuthi ukhiqize umuntu osedume ezweni lonke noma emhlabeni jikelele.”