KUKHUTHAZWA intsha ukuthi izibandakanye kwezolimo njengoba kusekhona ungabazane ngokungena kwayo kulo mkhakha.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu ekolishi lwezolimo, i-Owen Sithole Agricultural School, uMnuz Jabulani Vizo, emcimbini obuhlelwe wuMasipala waseMfolozi ngoLwesithathu. Uthe yize kukhona intsha ebhalisele ukufunda kulesi sikole kodwa ayizi ngobuningi.
"Siyabakhuthaza abantu ukuthi beze ngobuningi bezofunda ngezolimo, ikakhulukazi abantu abasebasha ngoba bona bayikusasa lwezolimo KwaZulu-Natal. Thina siyikolishi elingaphansi kukahulumeni elixhaswe uMnyango wezoLimo, ukufunda nathi kumahhala."
IMeya kaMasipala uMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ithe ezolimo zibaluleke kakhulu entsheni ikakhulukazi njengoba isibalo sabantu abangasebenzi siphezulu.
"Thina njengomasipala sizolokhu silishumayela ivangeli lokuthi abantu abangene kwezolimo. Impilo isemhlabathini, umhlabathi wethu akube yiwona osiphilisayo. Siyazinikela kubantu bakithi ukuthi uma kukhona usizo abaludingayo, sizohlala sikhona.