USihlalo weKhomishini yezoKhetho uMnuz Mosotho Moepya, useqinisekise abantu bakuleli ukuthi bazobhekisisa konke okuyizikhalazo ngaphambi kokudedela imiphumela yokhetho.
Uthe ngeke bajahe ukudedela le miphumela ngoba bafuna abantu baqhubeke nokubethemba.
“Sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi sibheka yonke into ngokucophelela. Zonke izikhalazo ezingenile sizozibhekisisa ngokuvuleleka,” kusho uMoepya esithangamini sabezindaba.
Usho lokhu nje cishe wonke amaqembu ezepolitiki akhala ngokwenzelwa phansi yikhomishini.
La maqembu akhala nangezinye izinto ezithinta nokuthi kukhona ukushintshwa kwemiphumela okwenzekile.
Amanye afuna kuphinde kuqalwe phansi ukubalwa kwamavoti ukuze aqinisekise ukuthi angu-ngqo.
Lokhu kwenzeka nje alikho iqembu eliwine ukhetho ngamalegiso kuzwelonke.
I-ANC kuzodingeka ukuthi isebenzisane namanye amaqembu ukuze ibumbe uhulumeni.
“Uhlelo lokubala imiphumela emhlabeni jikelele luhlale lidinga ukwenziwa ngobunono. Lwenziwe ngendlela yokuthi luhambisane nezinguquko ezibekhona ngesikhathi kuchitshiyelwa umthetho kuleli.”
Uthe lolu hlelo lwahlolwa yiKhomishini ngaphambi kokulusebenzisa.
Usho lokhu nje ngoLwesihlanu kube nobuhixihixi kwacisha izibani ebhodini le miphumela.
Kukhona abebesola ukuthi ikhomishini izama ukukokotela imiphumela.
Izikhulu zekhomishini zithe alukho ulwazi olulahlekile ngenxa yalobu buhixihixi.