IDLULE nemiphefumulo yabantu abathathu kuhlanganisa nosana imvula ebina umlibe esifundeni Amajuba, KwaZulu-Natal ngempelasonto.
UMnuz Thulani Mabaso (52) noNksz Nokubonga Mchunu (22) baseDannhausser kusolakala ukuthi baminzile emuva kokuthi bezame ukuwela umfula obudla izindwani.
Kuthiwa usana lwaseNewcastle ku-ward 25 lushone ngesikhathi indlu ebelikuyona igcwala amanzi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Siithole-Moloi, uhlangane namalungu emindeni eshonelwe ebhonga emswaneni izolo.
Ungqongqoshe ubephelezelwa ubuholi bukaMasipala wesifunda Amajuba, izikhulu zomnyango namathimba abhekele izinhlekelele behlola umonakalo odalwe yizulu.
Umnyango uthe esifundeni uMkhanyakude babili abantu abalahlekile abasacingwa, abamuke emfuleni iNgwavuma.
“Siyaqhubeka siyabacela abantu ukuthi bahlale beqaphile njengoba isimo sezulu siqhubeka nokuba sibi. Ithimba elibhekele izinhlekelele emnyangweni lisebenzisana nomasipala kuhlolwa umonakalo ngenhloso yokulekelela imiphakathi ekhahlamezekile.”
Khonamanjalo, kungenele osukwini lwesithathu ukuthungathwa komfundi eneminyaka engu-17 okusolakala ukuthi uminze emfuleni obudla izindwani eNdumo, eNgwavuma ngempelasonto.
Kusolakala ukuthi uSisekelo Dlamini obefunda uGrade 11 eNdumo Secondary uminze kubuka abangani bakhe ngoMgqibelo emini.Ikhansela lendawo, uMnuz Michael Malu lithe umphakathi uyaqhubeka nokucinga kodwa awutholi lutho.
“Akakatholakali namanje umntwana. Umphakathi ugcwele endaweni yesigameko uyacinga. Kukhona namaphoyisa abagadile ukuthi bangasondeli ezingxenyeni zomfula ezinobungozi,” kusho uMalu.
Uveze nokuthi akukhona okokuqala kuminza umuntu kulo mfula ngoba kukhona owagcina etholwe wumphakathi umfula usumkhiphele ngaphandle.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseNdumo aphenya icala lokulahleka kowesilisa oneminyaka engu-17 okubikwe ukuthi uminze emfuleni eNgwavuma.
Kusolakala ukuthi uSisekelo ubehlezi phezu kwebhuloho nabangani bakhe ababuze ukuthi bazokwazi yini ukumtakula uma egxumela emanzini.
Kuthiwa akaligwinyanga lelo babona ngaye esegcwele umfula, washona wavumbuka kabili kathathu wagcina ephele emehlweni ehamba nomfula.