IKHIPHE izidumbu ezimbili imvula elokhu iqale ukuna ngempelasonto KwaZulu-Natal njengoba lisayidliva namanje.
Kushone umuntu oyedwa eMlaza, nomunye waKwaMashu ngenxa yemvula.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, inxenxa izakhamuzi ukuthi zihlale ziqaphile njengoba imvula iqhubeka nokuna.
Ukhalisane nemindeni eshonelwe, wathi amathimba abo ezinhlekelele amatasa ahlola umonakalo odalekile futhi asiza nalabo abakhahlamezekile.
Uthe izangoma zezulu zibike ukuthi lisazoyidliva eThekwini namuhla nangoLwesibili.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe lisazoyidliva ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe namuhla.
Ucele izakhamuzi ukuthi zigweme ukuthatha izindlela ezingaphuthumi ezingaholela ekutheni zizithole zibhekene nenkinga edalwa imvula.
Unxenxe abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela, abantu bagweme ukuwela imifula namabhuloho ikakhulukazi labo abasezindaweni eziphansi.