IGCINE ikhipha isidumbu impikiswano yabangani ngengoma ebizohlukanisa unyaka eBhukhanana, eMpangeni ngeSonto.
Kulesi sigameko kushone uMnuz Mvelo Khumalo (25) okuthiwa ugwazwe umngani wakhe owaziwayo wakhona endaweni.
Kubikwa ukuthi umgwaze ngesikhali esicijile abesiphonselwe umfowabo ngesikhathi eqaphela ukuthi ingxabano yabo iya ngokushuba.
Umthombo ocele ukungadalulwa, uthe isigameko senzeke esitolo sendawo ngezikhathi zasebusuku lapho bekuhlangene khona abafana bendawo, kujatshulwe.
“Umbulali ufike esitolo ehamba nomfowabo, wafica owesilisa ezihlalele nabanye abesilisa. Kuthiwa ufike wabingelela, bathi ukuxoxaxoxa kancane, kwagcina kungena indaba yengoma ezohlukanisa unyaka,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe abatholanga kahle ukuthi umufi ubehamba nayiphi ingoma, nomsolwa ngokunjalo kodwa kuvele kwacaca ukuthi umsolwa akahambisani nale ebishiwo umufi ngoba ugcine esemshaya.
“Umphonse amaqupha ambalwa elandelana, nomufi ebona ukuthi uyashaywa, wabuyisela ngawo naye. Kuthe uma kucaca ukuthi sebelwa okwangempela, umfowabo kamsolwa wamphosela untshumetshu,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi yiwo untshumetshu umufi agcine egwazwa ngawo inxeba elilodwa esifubeni ohlangothini lwangakwesobunxele.
Umalumekazi kamufi, uNkk Nozipho Biyela, uthe nakuba bezwile ngandlebenye ukuthi bekubangwa ingoma kodwa ngeke bame ngonyawo bavume ngoba konke okwenzekile kwenzeke bengekho.
Uthe bona babuye bacabanga nokuthi bebebanga ingoma (esinwayo) njengoba bobabili bebeseqenjini lengoma endaweni.
“Thina sifike endaweni yesigameko sekonakele, uMvelo ubesethule. Okushiwo abantu ngembangela yokufa kwakhe, asinaso isiqiniseko sakho ngoba besingekho. Umuntu owazi kahle ukuthi umbulaleleni, wuye umbulali,” kusho uNkk Biyela.
Uqhube wathi bona sibashaqisile isigameko ngoba bebazi ukuthi umsolwa nomufi bangamathe nolimu.
“Bebezwana, bengabangani, besingakaze sikucabange ukuthi ngelinye ilanga angamenzakalisa ngalolu hlobo,” kusho uNkk Biyela.
Uthe umufi nomsolwa bakhule bengabangani endaweni futhi abamazi umsolwa njengomuntu onodlame noma osebenzisa izidakamizwa.
Uveze ukuthi isitolo okubulawe kuso umufi asiqhelile nekhaya, yize kunjalo, bamfice esethule umufi ngesikhathi bebizelwa endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNtambanana abophe owesilisa oneminyaka engu-24 oyamaniswa nesigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-25.
“Umufi kuthiwa ugwazwe endaweni yaseBhokisini. Umsolwa bekulindeleke ukuthi avele enkantolo izolo,” kusho uNetshiunda.