USALE ushaqekile umphakathi waseNkululeko, KwaSayimane ngemuva kwesigameko sokuzidubula kwekhansela lendawo lishona.
Kuthiwa uMnuz Sbonelo Luthuli (49) oyikhansela le-ANC kuWard 12, ubenonkosikazi wakhe ngesikhathi ezidubula entathakusa ngoLwesihlanu.
Kunezinsolo zokuthi kube nengxabano ebiphakathi kwakhe nomkakhe eholele ekutheni enze lesi senzo.
Amalungu omndeni nawomphakathi athi asadidekile ngesenzo sikamufi uLuthuli, okungacaci ukuthi ubecasulwe yini.
Umthombo uveze ukuthi uvuke embhedeni kwakhe waqonda ngqo kwelinye lamagumbi wafika wazidubula.
“Isibhamu siqhume kathathu. Umndeni uphithene amakhanda futhi akukho noyedwa kuwo onolwazi olugcwele ngesigameko esenzeke emzini wekhansela ebelihlala nonkosikazi nezingane,” kubeka umthombo.
Uqhuba uthe, bekukhona nodadewabo kankosikazi kamufi obevakashele laba bashadikazi.
Lithintwa ilungu lomndeni kamufi esiligodlile igama lalo, lithe belingekho ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Nami ngithole umyalezo wokuthi sekwenzeke lesi sehlo. Ngakho-ke akukho okutheni engingakusho kuwena,” kusho lona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokuvulwa kwedokodo lokushona komuntu.
“Amaphoyisa esiteshi saseWartburg aphenya idokodo lokushona kowesilisa oneminyaka engu-49,” kusho uLt-Col Gwala.
Imeya yakumasipala uMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, uthe nabo basashaqekile ngokushona kukaLuthuli.
“Asinayo imininingwane egcwele ngesizathu esiholele ekutheni ukhansela uLuthuli azibulale. Njengomasipala sisashaqekile ngoba ubeyikhansela eselibe khona isikhathi eside njengoba bese kuyihlandla lakhe lesithathu eyikhansela. Akukho futhi okubi asake wakuveza kuthina ukuthi kumphethe kabi,” kusho uZondi.