ZIZOHLABANA amalunda phakathi kwekhansela leDA kuMasipala uMsunduzi, uMnuz Bongumusa Nhlabathi (41) nomholi weqembu KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers (62) abazobanga isikhundla engqungqutheleni yesifundazwe.
I-DA KwaZulu-Natal ilungisela ingqungquthela yokukhetha ubuholi okufanele ibe maduze.Ingqungquthela yeDA izohlala ngo-Ephreli 29 e-ICC eThekwini. Lokhu kuqinisekiswe yilona iqembu, lathi konke kumi ngomumo.
Ingqungquthela yesifundazwe izolandela ekazwelonke yona ezoba ngasekuqaleni kwenyanga ezayo eCape Town.
UNhlabathi onguSotswebhu weDA kuMasipala uMsunduzi uzimisele ngokuphosela uRodgers inselelo. URodgers ubekhethwe engqungqutheleni ngoMashi 2021 eThekwini.UNhlabathi uzalwa kwaPata, eMgungundlovu. Ujoyine iDA ngo-2000 okuchaza ukuthi usehlale kuyona iminyaka engu23. Ebuzwa uNhlabathi ngokungenela umbango wesikhundla, uvumile ukuthi uzongenela ngoba kudala bemcela abantu abangamalungu eqembu.
“Kusukela ngonyaka odlule bengicela ukuthi ngiphakamise isandla futhi kucela abantu bezinhlanga zonke. Njengoba siya okhethweni olubalulekile, bakholelwa wukuthi amava ami nesikhathi esengisihlalile eqenjini kungenza ngibe wosekulungele ukuba wumholi,’’ kusho uNhlabathi.
Ngengqungquthela edlule wayengenele umbango wesikhundla sikasihlalo kodwa wehlulwa wuMnuz Dean Macpherson onguSihlalo kumanje. UNhlabathi wehlulwa ngamavoti amathathu kuphela kulolo khetho.
URodgers yena ebuzwa uqinisekisile ukuthi uzongenela umbango kodwa wangathanda ukwenaba kakhulu kulokho.
URodgers naye uzalwa khona eMgungundlovu, wase efudukela eKokstad. Usemnkantshubomvu eqenjini, uke walimela nasePhalamende.
I-DA njengoba izoba nezingqungquthela yenzela ukuthi uma kufika ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo ibe isimi ngomumo.