KUBUKEKA lizidonsele amanzi ngomsele ikhansela le-IFP eMgungundlovu elivulelwe icala lokusabisa ngokubulala isakhamuzi esiyilungu leqembu lalo.
UMnuz Sibusiso Ntuli, oyikhansela ku-ward 2 kuMasipala uMsunduzi, uvulelwe icala lokusabisa emaphoyiseni asePlessislaer ngoMsombuluko.
Ezinyangeni ezidlule uNtuli wafakwa enkantolo ngecala elifanayo ngunesi womtholampilo wendawo.
Kulelo cala kuthiwa uNtuli wafongqa isigqoko, walivuma icala, wase eyaxolisa kumgilwa kwakhishwa umyalelo othi angaphinde amsabise.
Bobabili laba bathi uNtuli waqala ngokubafonela wase eshiya angalazi ebachapha ngenhlamba bese ephetha ngokubayisa kwagoqanyawo uma beqhubeka nokusikaza isihlalo sakhe sobukhansela ngejozi.
Owesilisa ovule icala, ocele lingadalulwa igama lakhe ukumvikela, uthe uselala obenyoni kusukela esongelwe.
“Sengilala obenyoni ngidla ngiyajeqeza. UNtuli ubeka izizathu ezingacacile athi uzongishayela zona ngensimbi. Ungisola nangokuthi ngifuna isikhundla sakhe ekubeni yimina engangihamba phambili ngimkhankasela wagcina eyikhansela,” kusho le ndoda efuna ubulungiswa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokusabisa eliphenywa ngamaphoyisa asePlessislaer ngalezi zinsolo.
UNkk Nonhlanhla Mazibuko, owafaka uNtuli enkantolo, uthe isono sakhe wukusiza umphakathi ngezinkinga zawo.
“Wangifonela ngisebhishi eThekwini nomndeni wami wangithuka engibiza ngaphansi kweziketi zikamama, ngesif*$be esibuya emendweni. Wafika namsebenzini wathuka uzakwethu ekhishini wadlulela kumina. Ngaya enkantolo engivimbezele nendodana yakhe egunjini engilapha kulona iziguli ethi ngelinye ilanga ngiyoba senkingeni, ngiyongaphumi esangweni lomtholampilo,” kuchaza uNkk Mazibuko.
UNkk Mazibuko usebike uNtuli emkhandlwini wenkosi ufuna ageze igama lakhe ngoba akaze abuye emendweni.
Uzihlangulile uNtuli kwasolwa ngakho wathi kunedlanzana elifuna ukumgudluza ekubeni ikhansela.
UNtuli uthe uyena ochashwa ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana kudicilelwa phansi isithunzi sakhe.
Ebuzwa ukuthi kungani engabiki lokhu ezinhlakeni ezifanele, uthe akakwazi ukubika laba ngoba bafana nezingane zakhe.
“Ngeke ngiphawule ngento yasenkantolo ngoba seyadlula. Bengingakezwa ngecala lakamuva engivulelwe lona futhi awekho amaphoyisa asengibikele ngalokho. Ngingasho ukuthi lapha kudlalwa ipolitiki, bafuna isikhundla engisiphethe engakhethelwa kusona umphakathi,” kusho uNtuli.
UNobhala we-IFP esifundeni uMgungundlovu, uMnuz Thinasonke Ntombela, uthe bazwile ngecala elivulelwe uNtuli engeza ngokuthi bazoqale bayeke umthetho usebenze.