I-IFP KwaZulu-Natal isola uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ngokusebenzisa amandla ngendlela engafanele ukubephuca imikhandlu.
USihlalo we-IFP eKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli, usho kanje emuva kokuthi kuketulwe iMeya kaMasipala waKwaNongoma uMnuz Albert Mncwango. UMncwango uketulwe emhlanganweni womkhandlu oyisipesheli ohlale izolo ngemuva kokungenelela koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni.
UMnyango ungenelele emuva kwezikhalo ngokuthi usomlomo ubenqaba ukuhlalisa umhlangano. UMnuz Clifford Mshangane Ndabandaba weNFP ukhethelwe kwesemeya, kwesephini lemeya kwakhethwa uMnuz Sabelo Nkosi we-EFF, usomlomo kwaba nguNksz Babongile Sithole we-ANC.
UMasipala waKwaNongoma, ubuphethwe yi-IFP ngokubambisana ne-EFF ekhethe ukuphuma emshadweni ibashiya dengwane. I-EFF ibisanda kumemezela ukuthi iyehlukana ne-IFP emuva kwengxabano kubangwa ukuphatha uMasipala uMhlathuze, eRichards Bay.
UNtuli usole uNgqongqoshe uNkk Sithole-Moloi ngokusebenzisa amandla budedengu ngenhloso yokuhlomulisa inhlangano yakhe, i-ANC.
“Esikhundleni sokuthi ungqongqoshe enze uphenyo ngokwakhe uvele wagagamela wathatha izinqumo ezingafanele ngoba nakhu elalele uhlangothi olulodwa lwe-ANC,’’ kusho uNtuli.
Uqhube wathi bayafisa ukuthi ungqongqoshe afake umfutho ofanayo aphuthume alungise udaba lomkhandlu uMkhanyakude, onezinkinga. UNobhala weNFP KwaZulu-Natal uNksz Zandile Myeni, uthe ukukhethwa kwemeya evela eqenjini lakhe kuqondane kahle nokuthi kugujwa inyanga yokuzalwa komholi wayo ongasekho, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi. Uthe akukho okunye abakubhekile ngaphandle kokuthi kugeleze intuthuko.
“Wusuku olukhulu kubantu baKwaNongoma kuzoba nesiqalo esisha, kubekwe abantu phambili. Umengameli VZ kaMagwaza-Msibi wasishiya nomyalezo wokuthi sinamathele ekusebenzeleni abantu,’’ kusho uNksz Myeni.
I-ANC KwaZulu-Natal ikhiphe isitatimende ithi ibambe ngakho lokhu okwenzekile kukhomba ukuthi lukhulu luyeza ngokuphathwa komasipala esifundazweni.
Okhulumela umnyango, uMnuz Senzo Mzila, uthe okwenziwe wungqongqoshe kusemandleni akhe ngokomthetho.
“Izenzo ezingekho emthethweni zalaba abebegqoke izimpahla ze-IFP bevimba ukuhlala komhlangano ziyadumaza. Umhlangano ubusemthethweni ngoba ungqongqoshe unamandla ngokwesigaba uSection 29 (1A) weMunicipal Structures Act. Lo mthetho uyamgunyaza ukuba ajube umuntu ahlalise umhlangano womkhandlu,’’ kusho uMzila.