IKHALA ngokulahla ukudla okuningi obesekonakele inkampani eyayithole ithenda yokuphakela abafundi KwaZulu-Natal.
IPacina Retail, ithe ukudla okufana nezitshalo okungamaklabishi, ithanga, u-anyanisi, ama-aphula nezinye izinto ezisheshe zonakale izilahla nsuku zonke ngoba sezonakele.
Okhulumela le nkampani uMnuz Thobani Zikalala, uthe ukudla okuningi okungakonakali ilokhu okungaboli okufana ne-rice, ufishi, iphalishi nokunye.
Uthe bagcine ukudiliva ukudla ezikoleni ekuqaleni kwale nyanga base bema njengoba bachithwa ukuthi baqhubeke nokuphakela abafundi.
“Sasithenge ukudla esasizokuhambisa ezikoleni kuze kube uJuni nonyaka. Lokhu kudla kugcwele lapho sikugcina khona ikakhulu lokhu okungonakali. Sesilahle okuningi ngenxa yokuthi konakele.”
Uthe akakwazi ukusho ukuthi kungabiza malini ukudla asebekulahlile.
“Njengoba kukhona uhlelo lwezomthetho angikwazi ukwanda kakhulu ngokuthi imalini elahlekile ngokudla esikulahlile ngoba konakele. Yinto ezocaciswa ngumthetho ukuthi kuzokwenzekani mayelana nokukhokhelwa kokudla okubolile.”
Uthe bebebasiza nabanye osonkontileka abebezofuna usizo kubona ngokuthi bahambise ukudla ezikoleni.
“Bakhona abeze kuthina bezofuna usizo njengoba bese kudingeka ukuthi bazithengele ukudla emva kwesinqumo somnyango sokuthi kubuyelwe ohlelweni oludala lokuthi bazithengele ukudla. Sizoqhubeka sibasize abasaludinga usizo.”
UZikalala usho lokhu nje kuqhubeka uphenyo ngalolu hlelo njengoba lwaqala ngebatha okwenza ukuthi le nkampani iphucwe lo msebenzi.
Uphenyo lufaka izinhlaka ezehlukene okubalwa ne-Special Investigating Unit nezinye ezijutshwe nguhulumeni wesifundazwe nomnyango kazwelonke wezemfundo.
UDkt Imran Keeka we-DA, ugxeke umnyango wathi sebeze banikelela izikole ngokudla ekubeni lolu hlelo lwabelwe uR2.3 billion.
Uncome izinhlangano ezehlukene ezinikelele izikole wathi uyahambisana nekhwelo lenyunyana yothisha iNatu, lokuthi umnyango wesifundazwe uluswe ngumnyango kazwelonke.
“Kuze kube yimanje akekho umuntu osethathelwe izinyathelo ngokuhluleka ukuthi kuphakelwe abafundi ngenyanga edlule. Uma kungekho osulayo, abantu kumele bakhiphe uKhongolose emandleni ngevoti ngoba ulambise abafundi.”
Ngesikhathi uNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga, ethula isabelomali somnyango izolo, amalungu ePhalamende akhwele adilika kuyena ngokuhluleka kwakhe ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayadla eKZN kanjalo nase-Eastern Cape njengoba lolu hlelo kulezi zifundazwe lube nezinkinga.
UNkk Motshekga uveze ukuthi lolu hlelo lwabelwe uR9.2 billion kulo nyaka.