IKHABHINETHI linxuse umphakathi ukuthi usebenzise izinsiza ezikhishwa nguhulumeni ukuthenga ukudla.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma esithangamini sabezindaba ngemuva komhlangano weKhabhinethi, uthe uhulumeni ukhathazekile ngombiko weKhomishini ebhekele amaLungelo aBantu kuleli, edalule ukuthi zibulawa indlala izingane e-Eastern Cape.
“IKhabhinethi ikhathazekile ngokufa kwezingane ngenxa yendlala. Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzise izinsiza ezifana nemali yesondlo sabantwana esikhishwa nguhulumeni ukuthi ithenge ukudla. Kunezinhlelo ezifana nohlelo lokudla ezikoleni olusizayo.”
Ugxeke isehlakalo sokugwazwa kwesitshudeni saseCape Peninsula University of Technology (CPUT), ngumyeni.
Uveze nokuthi ukujutshwa kwamasosha angu-3 300 kuzosiza empini yokulwa nabavukuzi abangekho emthethweni.
La masosha azoqhuba lo mkhankaso kuze kube ngu-Ephreli ngonyaka ozayo.
Uthe iKhabinethi ithole nombiko kaMcwaningi mabhuku jikelele ngezithinta ucwaningo ngokusebenza kwenkece komasipala bakuleli.
“Siyakhula isibalo somasipala neminyango kahulumeni ethola imibiko emihle yokusebenza kwemali nakuba kukhona ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele kwezinye izindawo.”
Uveze nokuthi akukanqunywa mayelana nokuvalwa kwamahhovisi enxusa kuleli, wathi balinde inkantolo yamazwe omhlaba, i-International Criminal Court (ICC), ukuthi ikhiphe incwadi yokubopha umholi wakwa-Israel, uMnuz Benjamin Netanyahu, ngamacala odlame.
Uthe iKhabhinethi isakhathazekile ngodlame olubhekiswe kubantu basePalestine, olwenziwa abakwa-Israel.