INhloko yamaJaji kuleli iJaji uRaymond Zondo, ichibiyele imithetho yokuhlala kwePhalamende okubhekwe ngabomvu namuhla ngoLwesihlanu lapho okuzokhethwa khona uMengameli.
Umthetho omusha uthi uma ilungu lifisa ukubuza ngendlela okuqhutshwa ngayo umhlangano kufanele liphakamise umbuzo lisekelwa elinye elivela kwenye inhlangano.
Ngaphezu kwalokho indlela elidingidwa ngayo iphuzu izobe ilawulwa ukugwema ukuphazamiseka komhlangano.
Ekuqaleni ilungu belinelungelo lokuphakamisa isandla libuze ngaphandle kokudinga ukwesekelwa.
Usihlalo womhlangano unikwe ilungelo lokuthi uma ilungu lingayihloniphi imithetho likhishwe phandle khonamanjalo.
Ekuqaleni ilungu belinxuswa ukuthi lihoxise amazwi ahlabayo ngaphambi lokuthi likhishwe kodwa manje kuthiwa lingakhishwa khonamanjalo.