IJAJI lincome ubuchwepheshe besimanje ngesikhathi lehlulela ecaleni elithweswe unesi osolwa ngokuthenga izinkabi ukuba zithumbe futhi zibulale umyeni wakhe ongunjiniyela.
Lithe ubufakazi obuqoqwe uMbuso busebenzisa i-tracker yezimoto, izingcingo nemiyalezo eqoshiwe ukubandakanya abamangalelwa ecaleni.
Ijaji elibambile uSolwazi Bonke Dumisa belikade lehlulela ecaleni lokubulawa kukaMnuz Nkosi Langa owayengunjiniyela kwaTransnet.
Wathunjwa kwakhe ePinetown ngoSepthemba 29, 2020 wabulawa ngalobo busuku, isidumbu sakhe satholwa ngoNovemba waloyo nyaka sesonakele ehlathini oZwathini, eNdwedwe.
Kwaboshwa unkosikazi wakhe ongunesi ogqigqa icala, uNksz Mpumelelo Goncalves, wabekwa icala lokuthumba, ukubulala okuhleliwe, ukuphanga kusetshenziswa indlakadla namabili okuphazamisa ukusebenza komthetho.
Waboshwa kanye nomfowabo uMnuz Nkosinathi Zungu abagqigqa naye inkantolo.
UJames Mashudu Mthimkhulu walivuma icala wagwetshwa iminyaka engu-20 waphenduka ufakazi woMbuso.
USol Dumisa uze wathi uzithola elalele leli cala ngenxa yobufakazi obuningi obuqoqwe uMbuso usebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
Uze wafunda ubufakazi obethulwa uchwepheshe wakwaStandard Bank mayelana nokuthunyelwa kwemali ngendlela esheshayo.
“‘Lo fakazi waveza izinkokhelo lapho ummangalelwa wesibili okusolakala ukuthi wayethumelela uMthimkhulu imali ngemuva kokuba esebulele umufi,’’ kuchaza uDumisa.
Ugcizelele ukuthi ubuchwepheshe bezingcingo eziqoshiwe, imiqhafazo, i-tracker nobasemabhange budlale indima enkulu ekuzameni ukuthola iqiniso ngokwenzeka.
Unkosikazi kuthiwa uyena osolwa ngokuba wungqondongqondo ekubopheni itulo lokubulala, elokuthumba nanokuthi uma sekudayiswa iveni likamufi kumele bakhiphe i-tracker bayilahle.
Kuthiwa wayesho ukuthi uma ingase itholakale le veni kungabe kusho ukuthi kuphelile ngabo.
Ebufakazini uDumisa asebuthintile kukhona nobukaMnuz Siyabonga Mbedu.
UMbedu wayengumuntu wesithathu ukuba adayiselwe iveni kamufi eyayingadayiseki kanti uzoshiya umazisi wakhe phakathi. Watholwa ngamaphoyisa eMgungundlovu kuleliveni, eyayishiywe dengwane.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa awuthatha umazisi acinga ngawo uMbedu owafonelwa wabizelwa esiteshini samaphoyisa sasePinetown lapho afike waboshwa khona.
Kuvela ukuthi wabe esechaza konke ayekwazi nokuthi uLanga ubulewe walahlwa ehlathini oZwathini, eNdwedwe.
Amaphoyisa kuthiwa abe esethungatha futhi abopha abathintekayo. UMashudu wathi nguye noZungu abaklinya ngentambo ye-ayina uLanga wafa.
Ngaphambi kokuthi abulawe uLanga kuthiwa wacela ukuba bamkhulule kodwa kwakhona abathi awusale usuqedelwa umsebenzi owase uqaliwe.
Kuyaqhubeka ukwahlulela namuhla.