IJAJI livele laxolisa kubammangalelwa maqede lahlehlisa icala ngesikhathi kulindekeke ukuthi lahlulele ukuthi liyabalahla ngecala noma cha.
IJaji Sibisi weNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ekuseni bekumele ehlulele ecaleni elibhekene noNksz Pamela Zamisa nendodakazi yakhe, u-Andile Zamisa (24).
Laba ababili bathweswe amacala okuthumba, awokubulala nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokufa kukaNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12), izidumbu zabo ezalahlwa KwaDabeka, eClermont.
“Sekube khona ushintsho, inkantolo ngeke isakwazi ukukhipha isinqumo namuhla. Ngiyaxolisa kunina bammangalelwa nakubo bonke abathintekayo kuleli cala. Isimo sibe ngaphezu kwamandla ami,” kusho uSibisi.
Uthe ubeqale wachazela umshushisi nommeli wabammangalelwa ngesimo esiholele ekutheni ahluleke ukukhipha isinqumo izolo athe kube ngaphezu kwamandla akhe, kodwa wangasisho enkantolo.
Akuthathanga sikhathi esingakanani wabe esenquma usuku lwangoLwesine ngo-11:30 ekuseni ukuthi uzokhipha ngalo isinqumo.
Abasolwa abebefaniselene ngokugqoka izimpahla ezimnyama futhi beluke izitayela ezifanayo emakhanda, babukeke bedangala sebebuyela ezitokisini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesine lwangesonto eledlule, emuva kokuthi uMbuso nommeli wabammangalelwa baphothule izethulo zokugcina, uSibisi wathi isinqumo uzosikhipha izolo ngo-11:30 ekuseni.
Kuqale leli cala enkantolo, izihlobo zababulawa zisazixoxela emaphaseji enkantolo zimagange ukuthi uSibisi uzolahla ngamacala abammangalelwa. Zingene kulenkantolo uSibisi esanda kuguqisa icala, ziphaphatheka zingazi kwenzakalani.
UNkk Nomkhosi Simamane ongunina kaMnuz Senzo Simamane umyeni kamufi, ukhombise ukungasithakaseli isinqumo sokuhlehliswa kwecala.
Uthe nakuba bephoxekile kodwa uLwesine seluseduzane ufuna laba ababili balahlwe ngecala, babhadle ejele isikhathi eside.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi namuhla kule nkantolo ingane eyayineminyaka engu-13, eyisihlobo nabakwaZamisa neyaboshelwa leli cala, ifake incwadi egeqa amagula ivuma icala.
Ngenyanga eyedlule ummeli wale ngane, engaphandle ngaphansi kwesandla somzali, wafaka isicelo sokuthi ikhishwe kuleli cala ngoba izofaka incwadi ivuma icala, nebala uSibisi wavuma.
Bekulokhu kuhlehliswa ukulalelwa kokuzishiwo ingane ngoba lingatholakali ijaji.