IWAVUMILE amacala okuthumba nokubulala ingane eyayineminyaka engu-13, eyaboshwa nezihlobo zayo ngokufa kukamama nengane, izidumbu zabo ezagxishwa kwipotimende elikhulu zayolahlwa.
Lengane esineminyaka engu-16, ngoLwesithathu ivume icala lokubulala, amabili okuthumba, nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokuhlanza indawo yesigameko.
Ijaji lenkantolo eNkulu yaseThekwini lifundelwe incwadi yale ngane wummeli wayo uMnuz Thulani Mlondo ivuma amacala.
Kodwa ijaji liyenqabile lencwadi lathi lifuna ukuthi liqulwe leli cala khona lizozenelisa ukuthi ngesikhathi sesigameko le ngane yayiziqonda izinto esolwa ukuthi yazenza.
Libe selilihlehlisela uMeyi 22 nonyaka icala ukuze kubekwe usuku oluyoqulwa ngalo.
Le ngane ilandise ngokuthi kwafika umufi uSibongakonke Mthembu (12) kubo ezoyicela ukuthi imphelezele baye esitolo.
Ithi ngesikhathi esakhuluma nayo kwafika izihlobo zayo okunguNomfundo Ngcobo no-Andile Zamisa bayibuza ukuthi yini abayixoxayo ngoba kwavunyelwana ukuthi uSibonga angaphinde alubhade kuleli khaya.
Ithi kusenjalo kwehla umama waleli khaya, uNksz Pamela Zamisa etekisini eze kulo muzi naye wafike wabuza okufanayo.
Umnikazi wekhaya wabe esethumela uNomfundo no-Andile ukuthi bayobiza unina kaSibonga, uNkk Simangele Simamane.
UNkk Simamane wafika base bebavalela ngaphakathi endlini kwavalwa nezicabha ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi abaphumi.
“Emva kokuba laba sebengenile endlini ngabe sengiba nesibonakaliso sabantu ababulala ubaba wami uMnuz uBheki Ngcobo ngo-2012. Kuleso sibonakaliso ngabona umama kaSibonga njengomunye wabantu ababekhona ngesikhathi kubulawa ubaba.’’
Ithi yabe seyiphrofetha ukuthi uSibonga ufike kulo muzi ephethe umuthi.
Iqhuba ithi ngesikhathi kusathethiswa uNkk Simamane futhi ehlonywa ngemibuzo, umnikazi womuzi wabiza uSibonga waphumela naye ngaphandle ngomnyango wasekhishini.
Kulowo mnyama ithi kwafika uMnuz Sithembiso Lamola owayeyisoka likaNkk Zamisa kodwa akenzanga lutho yize ababona uSibonga nonina behlaliswe phansi kusofa.
Le ngane ibe seyilandisa ngokuthi babe sebemshaya ngezandla nangepayipi uNkk Simamane, uNomfundo wamshaya ngevasi eyaphihlikela ebusweni.
Ithi nayo yayithatha ivasi yamshaya ngayo ekhanda. Ilandisa ithi uNkk Zamisa wabilisa amanzi ngeketelo izikhawu ethela ngawo umama kaSibonga, yona ibe imcindezele ngesipeyidi emqaleni, u-Andile emklinya ngentambo kwaze kwaba uyathula.
Iyaveza ukuthi ngemuva kwalokho kwafonelwa uSithe kwathathwa izidumbu zayolahlwa KwaDabeka base beyahamba bayokwenza ihlambo.
Le ngane ithi ayazi ukuthi kwenzakalani kuSibonga ngesikhathi bephumele ngaphandle noNksz Zamisa.
Kodwa ithi ekugcineni sebebulale uNkk Simamane yabona ukuthi uSibonga useshonile futhi wayeklinywe emqaleni ngentambo yengubo yokulala ayeyigqokile umufi.
Kwenzeka lokhu nje, namuhla le nkantolo kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo ngecala labakwaZamisa.