I-AFRIFORUM ithi yeneme ngendlela icala lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, eliqhubeka ngayo enkantolo futhi balindele ukuthi ngabe kukhona umsolwa wesithupha osebhokisini.
Okhulumela i-Afriforum okuyinhlangano eyeseka umndeni kaMeyiwa, uMnuz Barry Bateman, ekhuluma kwabezindaba, uthe babevele beshilo kwayisekuqaleni ukuthi ukubulawa kukaSenzo akukhona ukuthi kwenzekanga ngephutha kubanjwa inkunzi ekhaya likanina wengane kaSenzo, kodwa kwakuhleliwe.
“Kwakuwukubulala okuhleliwe, kunenkabi nomuntu okuhlelile ukubulawa kwakhe,” kusho uBateman, obuye wathi yize bekholelwa ekutheni kufanele ingabe kunomsolwa wesithupha okhona kuleli cala kodwa bazoqhubeka nokulilandela ngendlela efanele, baphinde babeke nomndeni esithombeni.
UBateman uthe bajabule ngendlela icala eliqhubeka ngayo. Uthe ngendlela ukuqulwa kwecala okushesha ngayo yize ukulalelwa kwalo kuqale kabusha kulandela ukuqokwa kwejaji elisha, uma bekuqhathanisa nalokho ebeliqhuba ngakho phambilini, babona umkhulu kakhulu umehluko, azikho izinto ezibambezelayo.
“Njengoba seliqalwe phansi nje, sesibone ofakazi abaningi. Asigculiswa nje kuphela ukushesha kwalo icala kodwa nanofakazi ababizwa ngaphambili sijabule ngabo,” kusho uBateman.
Kuzokhumbuleka ukuthi ufakazi wenkanto ongungoti wamaselula ethula ubufakazi kusukela ngeledlule, waveza ukuthi kwabakhona ushayelana izigcingo phakathi kukaKelly nomunye wabasolwa, yize engazange athole ukuthi kwakukhulunywa ngani. Ebuzwa ngokuvela kwalobu bufakazi, uBateman uthe umndeni wakaMeyiwa awuzange umangale ukuzwa lobu bufakazi.
Uthe inkantolo isibiza lolu uhlobo lofakazi ababevele bekade belindele ukuthi kufanele kube yibo ababizwa masinyane enkantolo.
“Siyakholelwa ekutheni ilolu hlobo lobufakazi ebesilokhu sifuna buvele, ubufakazi obuyamanisa abasolwa abangaphambi kwenkantolo nesigameko,” kusho uBateman.
Uthe ukukugoqa konke, bona nomndeni kamufi bagculisekile ngokuthi icala likhombisa ukunyakaza ngempela,” kusho uBateman.
Izolo, inkantolo iguqe sekungomunye wabangani bakaSenzo obesethula ubufakazi, uMnuz Mthokozisi Madlala.
UMadlala ungomunye wababesendlini ngosuku kwesigameko, kubalwa unina wengane kaMeyiwa uKelly Khumalo, udadewabo uZandi, indodana kaChicco Twala uLongwe, nabanye.
Ebufakazini bakhe, uveze ukuthi ngesikhathi uSenzo esedutshuliwe bamphuthumisa esibhedlela.
Uthe endleleni wayelokhu emuzwa isandla uSenzo, owayephendula ngokuthi abambe esakhe naye (uMadlala).
Uthe kodwa sebemi endaweni yezimo eziphuthumayo, wathi uma eqhubeka enza okufanayo, waqaphela ukuthi uSenzo akasasibambi isandla sakhe.
“Ilapho engaqala ngasola khona ukuthi kuphakathi kokuthi useyashona noma useshonile,” kusho uMthoko.
Uthe ayiphelanga imizuzu engu-15 engeniswe ngaphakathi uSenzo, kwaphuma unesi oweza wazobiza umuntu omdala kubona, athe kwaba unina kaKelly, athi naye wasuku wamlandela, bathi uma befika ewodini batshelwa ukuthi useshonile uMeyiwa.
Lobu bufakazi bukaMadlala buyashayisana nalobo obethulwe uNkk nthabiseng Mokete ngeledlule, owaveza ukuthi uye owatshelwa kuqala izindaba zokudlula kukaSenzo.
UMadlala ubuye waveza nokuthi uye owathinta ingoduso kaSenzo, uNksz Mandisa Mkhize, efuna ukumazisa ukuthi uSenzo useshonile.
Uthe wagcina engabi nawo amandla ukuthi adlulise lowo myalezo, nokwagcina usudluliswa uKelly uqobo, nokwaholela ekutheni kube khona ukuphikisana ngamazwi phakathi kwabo khona ocingweni, nangesikhathi sebebonana esibhedlela.
Isigameko sokufa kwakhe uSenzo senzeka kubo uKelly eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.
Icala liyaqhubeka namuhla.