NKOSIKHONA CELE
Benze isibophezelo sokuthi bazolandela izwi likaNkulunkulu abefundisi ababili abebegcotshwa ebandleni labasindisiwe eliseMgungundlovu, iHouse of Christ Family Church (HOC).
Leli bandla liholwa nguMfu Nhlanhla Khambule. Inkonzo beyilapho okukhonzela khona leli bandla eMbali, eMgungundlovu ekhoneni lomgwaqo uMbulazi noMngeni.
Abebegcotshwa uMfu Sbu Ngwane noMfu Sanele Delwa. UKhambule uthe ubheke ukuthi laba ababili balandele izimiso zebandla likaNkulunkulu nenqubomgomo yebandla ngaso sonke isikhathi.
Ubachaze njengamadoda awazisayo kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu wabe esebanxusa ukuthi baqhubeke nokwenza kanjalo.
UNgwane ubonge uNkulunkulu ngokumhlanganisa noKhambule. Uthe kwaba yicebo likaNkulunkulu ukuthi agcine engaphansi kobuholi bendoda enobuchule futhi eshumayela izwi likaNkulunkulu njengoba linjalo lingaxutshwe nalutho.
Uthe selokhu ajoyina leli bandla usekhulile kakhulu ekumazini uNkulunkulu. Wenze isibophezelo sokuthi konke uzokwenza ngendlela efanelekile nangendlela eyamukelekile.
"Ngiyambonga uNkulunkulu okunguyena ohambe nami kuyona yonke le ndlela kuze kuba kufika lesi sigaba. Ngiyafisa futhi ukuba aqhubeke nokuthi ahambe nami ukuze ngizokwazi ukufeza icebo lakhe,'' usho kanjena.
Uthe ukuba wuMfundisi akumethusi ngoba umkhulu wakhe uMfu John Ndlovu wayengomunye wabaholi bebandla i-Apostolic Church of Southern Africa.
"Yingakho nje ngikholwa ukuthi ukugcotshwa kwami kuyefana nokubuyiselwa komphongolo endaweni efanelekile,'' usho kanje.
UDelwa naye ubonge uKhambule ngokubethemba ngokuthi bangaba ngabanye babaholi baleli bandla.
Le nkonzo ibihanjelwe ngabefundisi abehlukene ebebevela ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe seKwaZulu Natal.