UMBHISHOBHI webandla elikhulukazi obephinde abe wumnikazi wenqwaba yezitolo, ushayeke phansi washona esegcekeni lentombi okuthiwa ubejola nayo.
UMbhishobhi Thembalakhe Mchunu (59) obehola ibandla i-Ukuphumula kweKhenana, kuthiwa ubevakashele intombi yakhe, uNksz Zama Cele (24) ngesikhathi eficwa wukufa.
UNksz Cele othe usakhungathekile ngokwenzeke kulo mholi, uzwakalise ukukhathazeka wathi uyazi ukuthi ibandla nomphakathi selizosola yena ngalesi sigameko angazi naye ukuthi senzeke kanjani.
Uthe umufi ubejwayele ukumvakashela ekhaya noma amlande bayolala kwelinye lamahhotela agudle ulwandle.
“Nkosi yami sekuzobhalwa ngami-ke manje kube sengathi kukhona into engiyenzile kubabazi. Nami angazi ukuthi kwenzekeni. Ukhale ngekhanda, ngemuva kwesikhashana uwe phansi,” kuchaza uNksz Cele.
Uveze ukuthi bese kuphele isikhathi esingangeminyaka emibili ejola noMbhishobhi.
Umchaze njengowesilisa onothando lweqiniso futhi okwaziyo ukunakekela umuntu wesifazane.
“Ubenothando loya baba.. olukhulu. Ngahlangana naye ngisedolobheni eStanger. Wehla emotweni wacela inombolo yami. Ngathi uma ngimbuza ukuthi uzoyenzani wathi ufuna ukuthi ngibe yilungu lebandla lakhe,’’ usho kanjena.
Uthi izinto zigcine sezizenzekela zona ngokuhamba kwesikhathi, bagcina sebejola. Uveze ukuthi nokho wagcina engazange alijoyine ibandla.
Uthe uMbhishobhi waphumela obala wamazisa ukuthi ushadile umama ukhona ekhaya eKranskop.
UNkk Nomalanga Mchunu (47) ongumka Mbhishobhi, uthe inhliziyo yakhe iyaqaqamba ngokuphindiwe ukuthi umphefumulo woMbhishobhi usungaze uphume esezindleleni zobumnyama.
Uthe ubazi ukuthi umyeni wakhe uyajola. Uthe kusuka lapho ubudlelwane babo bebungasebuhle kahle. Nasebandleni uthe bese kuqala ukuba noxhaxha lwezinkinga ngoba amakholwa abazi ukuthi uMbhishobhi unentombi ekubeni eganiwe futhi engumgcotshwa kaNkulunkulu.
Uthe akathandi ukukhuluma izinto eziningi. Uthe kodwa kuningi okuhle ngomyeni wakhe abekwenza wathi kodwa konke sekuzofihlwa yileli hlazo ashonele kulona.
Wenze isibonelo ngeshidi elimhlophe eliba nechashaza elincane elimnyama ebese kugqama lona kungabe kusabonakala ukuba mhlophe kwalo.
“Umyeni wami nabazalwane sebeyohlale bemkhumbula njengendoda eyashona ihlezi nentombi,’’ usho kanjena.
Ilungu lebandla elicele ukuthi kugodlwe igama lalo, lithe bashaqekile kakhulu ngokwenzekile.