IMIPHUMELA yocwaningo idalula ukuthi siphezulu isibalo seziguli ezihlaselwa yizifo ezithinta umgudu womchamo eNingizimu Afrika, uma siqhathaniswa nezakwamanye amazwe.
Lokhu kuvele ocwaningweni olushicilelwe kwi-Journal of Health and Biological Sciences muva nje. Ucwaningo belubheka izinga lezifo ezihlasela umgudu womchamo ama-Urinary Tract Infections (UTI), eSub-Sahara Afrika.
Kulezi zifo kubalwa izinkinga zesinye ezihlasela abantu abaningi emhlabeni kodwa eNingizimu Afrika, baningi kakhulu abanezinkinga zaso.
Ngokombiko wocwaningo, iNingizimu Afrika ihamba phambili ngo- 67.6% , kulandele iNigeria ngo-43 kuya 65%), kube yiZambia ngo-38.25%.
Luphinde luveze ukuthi ama-UTI ajwayelekile eNingizimu Afrika, ikakhulu kwabesifazane ngenxa yokuthi abanye banamasosha antekenteke, abanye banesifo sikashukela, abanye abagezi ngendlela efanele ngoba amanzi ahlanzekile kwesinye isikhathi awatholakali. Ukungabikhona kwengqalasizinda yokuthuthwa kwendle esezingeni nakho kubuye kube nomthelela wokuthi abesifazane bathole amagciwane agcina ehlasela umgudu womchamo ngesikhathi besebenzisa izindlu zangasese.
UNkk Elani van Zyl, umphathi wophiko olukhiqiza imikhiqizo enakekela izifo ezibucayi kwi- kwaPharma Dynamics, uthi izifo eziphindelelayo ze-UTI zithinta u-25-30% wabesifazane abaneminyaka ephakathi kuka-20 nengu-40.
“Ukuthola ama-UTI amabili ezinyangeni eziyisithupha noma ezintathu ngonyaka kuthathwa ngokuba nama-UTI aphindelelayo. Izifo zesinye (cystitis) zenzeka lapho amagciwane amancane ekhuphuka ngomgudu womchamo aze ayongena esinyeni. Lokho kubangela ukutheleleka okubuhlungu emgudwini womchamo ongezansi, nakuba elapheka kalula kodwa ama-UTI anganyukela emgudwini womchamo ophezulu, adale izinkinga eziningi. Yingakho kubalulekile ukuthi onalesi sifo athole ukuhlolwa okufanele kusenesikhathi,” kugcizelela uNkk van Zyl.
Uqhube wathi ukuya ocansini kungase kungenise amagciwane angafuneki emgudwini womchamo abe seduze nawo ngoba i-ishubhu elikhipha umchamo kwabesifazane, liseduze kakhulu nesitho sokulahla indle kunakubantu besilisa. Lokhu kwenza kube lula ukuthi amagciwane aphelele esinyeni.
UNkk van Zyl, uphethe ngokuthi ezinye izinsiza zokuhlela umndeni okungaba ama-spermicide, ama-diaphragm, nama-cap omlomo wesibeletho nazo zingawandisa amagciwane angadala ingozi yama-UTI.